Ushaywe ngonogada obesolwa ngokweba ushokoledi kanti uwukhokhele

2016-07-21 13:31

Johannesburg - Isakhamuzi zaseFlorida uBrian Eland sithi sishaywe ngonogada besitolo sakwa-Spar kuGolden Street phambi komndeni waso nabanye abathengi ngemuva kokusolwa ngokweba ushokoledi.

NgoMgqibelo ntambama ngomhlaka-16 Julayi u-Eland, unkosikazi wakhe nendodana yabo eneminyaka engu-5 ubudala babevakashele eSpar beyocosha igilosa encane ngesikhathi yena nendodana yakhe beyokhetha koswidi ukuthi yimuphi abawufunayo.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe abanye abathathu ngokubanjwa inkunzi kwaSpar

U-Eland wakhetha i-slab sikashokolade umfana wakhe wakhetha iphakethe lamakhekhe.

Ethilini watshela unkosikazi wakhe ukuthi uzowakhokhela amaswidi abawathengile yena akakhokhele igilosa wabe eseyodlala ipowerball ngaphandle.

Ushokoledi wawufaka ephaketheni nesiliphu sakhona kodwa kuthe esephuma ngomnyango wamiswa ngunogada wambizela eceleni. U-Eland wathi akayindawo, wambuza unogada ukuthi kumayelana noshokoledi kodwa wangayithola impendula wagxavunwa ngesandla.

U-Eland wamdudula kwangenelela omunye unogada bamngenisa ehhovisi ngenkani. Bmadudula bamhlasela.

IThe Record ithintane nabaphathi besitolo ngesigameko bathi bebengazi ngaso kodwa uzophenya ngaso afune nencazelo konogada, kubika iRoodepoortnews.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.