Ushaywe ngoswazi oluncane owatalabha umfana, 13, ngemvubu

2016-05-18 14:30

Johannesburg - Umndeni womfana oneminyaka engu-14 ubudala owashaywa kanzima ngezinsolo zokweba iPlayStation uthukuthele ngokuthi inkantolo ihlawulise umsolwa imali engu-R300.

Lo mfana wayeboshelwe etafuleni enqunu washwaya kanzima ngemvubu abangani bakhe bebukele bethatha ivideo yesigameko esenzeka endaweni yaseTsoseng eduzane naseLichtenburg, eNorth West ngo-Septhemba ngo-2014.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe owe-ANCYL ngelokubulala intombi

Selokhu kwenzeka lesi sigameko lo mfana uthi kubuhlungu uma echama kanti futhi uhlezi elova esikoleni ngenxa yokugconwa ngabanye abafundi ngoba le video yasabalala.

Umsolwa owathweswa icala lokushaya ngenhloso yokulimaza uvele eNkantolo yeMantshi yaseDitsobotla ngoLwesine wadedelwa ngenhlawulo yemali engu-R300 kulandela ukuvuma icala.

Kule video ebonwe ngabe-SowetanLive lo mfana ushaywa ngemvubu imvimbo engu-24 eboshelwe etafuleni. Ngesikhathi le ndoda iqhubeka ishaya lo mfana uzwakala exolisa ethembisa nokuthi angeke aphinde antshontshe.

Ngemuva kwemvimbo engu-7 itafula livele lawa lo mfana ephezu kwalo, Le ndoda nabanye abafundi baliqubula base bephinde bembophela etafuleni yase iqhubeka imtalabha.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.