Ushaywe ngoswazi oluncane umama obedayisa insangu

2016-07-21 11:32

Malalane - Ugwetshwe izinyanga ezintathu ejele noma akhiphe inhlawulo yemali engu-R1 000 owesifazane obanjwe edayisa insangu kulandela ukungaphumeleli kwebhizinisi lakhe lokudayisa izithelo.

U-Ivis Mpofu, 35, waseGarankuwe eduzane nasePitoli uvume icala lokudayisa insangu ngesikhathi evele eNkntolo yeMantshi yaseMalalane eMpumalanga ngoMsombuluko.

OLUNYE UDABA: Uwesilisa ubulawelwe ukuthi ubengenayo insangu

Lo wesifazane waboshelwa icala lokutholakala nesijumba sensangu ngesikhathi ehamba ku-N4 ngomhlaka-14 Julayi. Le nsangu yayiphuma eSwazini.

"Kuyiqiniso ukuthi ngabanjwa nensangu kanti ngiyavuma ukuthi ngephule umthetho futhi ngiyazi ukuthi akukho emthethweni ukudayisa insangu. Ngakwenziswa wukungasebenzi," usho njalo enakntolo.

Ibhizinisi likaMpofu lokudayisa otamatisi alizange liphumelele wabe eseqala ukudayisa insangu ezama ukuziphilisa. Lo mama wezingane ezimbili uxolisile wacela inkantolo ukuba imuzwele.

"Inhlupheko engiholele ukuthi ngephule umthetho. Ibhizinisi lami lokudayisa izithelo alizange liphumelele okwenganze ngizame eminye imizamo ukze ngizokondla izingane zami ezimbili ngiphinde ngikhokhele indawo yokuhlala

UMpofu ugwetshwe izinyanga ezintathu ejele noma akhiphe inhlawulo yemali engu-R1 000. Udedelwe ngemuva kokukhokha inhlawulo.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.