Ushisa phansi umbango wamapulazi ka-R45m

2018-04-26 09:33

Kokstad - Ushisa phansi umbango wepulazi phakathi komlimi osasafufusa nabeNtinga Development Agency, engaphansi komkhandlu wesifunda i-OR Tambo eMthatha, e-Eastern Cape, njengoba lo mlimi eshaya phansi ngonyawo ethi akayi ndawo futhi ngeke aphume epulazini uma izikhulu zeNtinga zingakabenzi ubulungiswa zilandele imigomo efanele yokumkhipha.

UMnu Nkosiyabo “Max” Mxabo ongowokuzalwa eMbizana khona e-Eastern Cape waba ngomunye wabahlomula ohlelweni lokuthengwa kwamapulazi nguhulumeni kumbe yimikhandlu abuyiselwe kubantu ngenhloso yokunikeza amathuba abalimi abasafufusa ukuthi bazithuthukise kwezolimo nokufuya imfuyo kukhandwe amathuba emisebenzi.

Lowa mkhandlu i-OR Tambo ungeminye eyathenga amapulazi ayisikhombisi eKokstad ngemali ebalelwa ku-R 45 million.

Kumanje la mapulazi, okulindeleke ukuthi akhiqize izithelo, abonakala engene kakhulu empini yombango njengoba nomkhandlu wesifunda i-Alfred Nzo kuvela ukuthi kukhona amanye owabangayo.    

UMnu Mxabo waba ngomunye owathola iLewellyn Farm ngesikhathi umkhandlu usaholwa yilowo owayeyimeya uNkk Zoleka Capa-Langa kodwa yena wangena ngaphansi kwalabo ababenezifiso zokufuya izinkomo zenyama.

Ekhuluma neZindaba24 uMnu Mxabo uthi wathuka kwaphela nasozwaneni uma esethola imibiko emkhiphayo epulazini ngaphandle kokubhalelwa kumbe abizwe umkhandlu atshelwe ukuthi kukhona angakwenzi kahle okuphoqa ukuthi aphume.

“Ngithathe udaba ngaludlulisela enkantolo engivune amahlandla amaningi ikhipha isinqumo sokuthi nginelungelo lokufuya khona kuleliya pulazi,” kusho uMnu Mxabo.

Uphinde wathi ngale kwalokho abeNtinga bayaqhubeka nokukhipha izinkomo zakhe bazilaxaze emgaqweni nakuba isinqumo seNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu sathi unelungelo lokufuya kuleliya pulazi.

Uthi okumphatha kabi wukuthi usezwa ngabantu ukuthi indaba yalawa mapulazi inenhlese yepolitiki njengoba kuthiwa abafunwa abalimi bezinye izifunda kufunwa abangaphansi kwe-OR Tambo kuphela.

 Ukholwa wukuthi ushawa ngoba imingcele yambeka ngaphansi kwesifunda sase-Alfred Nzo nayo ekubikwa ukuthi kunamapulazi  ewabangayo.

Lolu daba selungenelelwe nanguNgqongqoshe wezoLimo e-Eastern Cape uMnu Mlibo Qoboshiyane othembise ukuludlulisela kubaphathi bomkhandlu.

“Nakuba seluke lwafika kumina kodwa kanginayo imininingwane yesivumelwano phakathi komkhandlu nomlimi kodwa ke sizimisele ukusebenza ngokubambisana nawo lo mkhandlu nomlimi ukuze kutholakale isixazululo esifanele, ” kusho uMnu Qoboshiyane.

Umphathi weNtinga Development Agency, uMnu Mxolisi Nkosi uthe kwakungekho sivumelwano kwasekuqaleni esasigunyaza uMnu Mxabo ukuthi angene emapulazini abo.

“Lo mlimi wangena laphaya ngokungemathetho kodwa ngike ngezwa amahemuhemu okuthi zike zabakhona izingxoxo ezabakhona kusukela ngonyaka ka-2012 kuya ku-2014 ezazimkhipha uMnu Mxabo epulazini.

“Kuthe ngoJuni wonyaka ophelile umkhandlu wathatha isinqumo sokuwafaka ngaphansi kweNtinga amapulazi nalapho lo mlimi wasebenzisa lelo thuba wazama ukuthola izinto ezimenza sengathi unelungelo lokuhlala kuleliya pulazi,” kusho uMnu Nkosi.

Uqhubeke wathi baqhubekile nokumbhalela izincwadi ezimkhiphayo epulazini kodwa uMnu Mxabo wanquma ukuthi ayonqamula ucingo epulazini wagqekeza indlu ehlala abelusi bezinkomo.

UMnu Nkosi uthe bazoqhubeka nenkantolo nokuletha ubufakazi obuqanda ikhanda bokuthi amapulazi aweNtunga futhi uMnu Mxabo akanalo ilungelo lokuba sepulazini.

UMnu Mxabo yena uyaziphika lezi zinsolo uthi yena akazingenelanga epulazini wafakwa umkhandlu ngokusemthethweni.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
 

And the Paws24 and Hill's winners are ...

Find out who the winners of our Paws24 pet pics and Q&a competitions are...

 

Paws

Keep your family and pets safe from rabies
5 scientific benefits of owning a cat
Why we love cats
8 great natural remedies for your pet
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.