Ushiswe ngabilayo umfana osebenzise isikhwama sikagogo 'efuna ukumesha'

2017-09-06 14:06

Johannebsurg - Umfana osemncane kusolwa ukuthi ushiswe ngugogo wakhe ngamanzi abilayo ngokusebenzisa isikhwama sakhe ukuze ezomesha nempahla abeyigqokile esikoleni ngeSpring Day.

Lo mfana, 17, owenza uGrade 11 esikoleni esiseSoweto, ubengayile esikoleni ngoLwesibili kulandela isigameko sangesonto eledlule, njengoba ebesaba ukuthi uzohlekwa ngabanye abafundi esikoleni.

"Ngosuku, iSpring Day, ngaboleka impahla yokugqoka kumngani wami. Ngaphinde ngathatha nesikhwama sikagogo ukuze ngizomesha nempahla engangiyigqokile.

"Ngesikhathi sengibuya esikoleni, ngakhumula lezi zimpahla ngokushesha ngabe sengizifihla esikhwameni sami sesikole ngoba ngangingafuni ukudala izinkinga ekhaya," usho njalo.

OLUNYE UDABA:Udedelwe ngebheyili umama 'oshaye wabulala' usana lwakhe

Lo mfana wabe eseya kogunda izinwele ekhanda, kuthe esebuya ekhaya wafica ugogo wakhe esethukuthele.

"Wabe esengithethisa, ethi uzibonile izimpahla esikhwameni sami sesikole. Wayedinwe egane unwabu, ngasithatha isikhwama kanjalo nempahla engangiyibolekwe wumngani wami."

Le ngane, ithi umama wayo wayisabisa ngokushisa le mphahla yokugqoka ebolekiwe. "Ngazama ukumnqanda, yilapho ke ugogo avele angishisa khona ngamanzi abilayo ezingalweni."

Umama wayo kuthiwa wayishaya ngenduku yomshanelo base beyivalela ngaphandle.

Lo mfana wasizwa ngu-anti wakhe ohlala endlini engaphandle. "Ngezwa umsindo ngacabanga ukuthi ingxabano nje. Ngemuva kwemizuzu embalwa, ngaphuma. Wangitshela ukuthi kwenzekeni."

U-anti walo mfana waya esiteshini samaphoyisa eyovula icala ngokushaywa kwalo mfana.

"Esikhundleni salokho, amaphoyisa amtshela ukuthi lo mfana uvulelwe ngunina icala lokweba njengoba emsola ngokweba imali engu-R600 esikhwameni sakhe. Uzovela enkantolo kusasa (ngoLwesine)."

Amaphoyisa awatholakalanga ephawula ngodaba kwaze kwahsya isikhathi sokushicilela.

Ubaba walo mfana oneminyaka engu-48 ubudala uthe: "Angishadelwe nomama wakhe kusukela manje usezohlala nami."

Umama womfana unqabile ukuphawula ngodaba.

 - SowetanLive

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.