Ushiswe waba wumlotha osolwa ngokubulala intombi eLimpopo

2016-12-28 18:01

Johannesburg - Yokhelwe ngomlilo yasona indoda esolwa ngokubulala intombi yafihla isidumbu sayo, eLimpopo, kusho amaphoyisa ngoLwesibili.

Le ndoda ishiswe yizakhamizi zaseNgwaritsi.

"Ngokweminingwane, umsolwa osengumufi, usolwa ngokuklinya intombi, 30, yashona yaqeda yafihla isidumbu endlini. Isidumbu satholwa udadewabo kamsolwa simbozwe ngengubo yokulala.

OLUNYE UDABA: Ubulewe umphakathi obulale izingane zakhe

"Imbangela yesigameko ayaziwa okwamanje kodwa kusolwa udlame lwasekhaya," kusho isikhulumi uColonel Moatshe Ngoepe.

Amalungu omphakathi abedinwe egane unwabu ahlangana ngoMsombuluko ahlasela le ndoda. Kubikwa ukuthi ishiswe yashona.

Amaphoyisa, abikelwa ngesigameko ngemuva kokuba isibulewe, kucelwa onolwazi ngesigameko abikele amaphoyisa, kusho uNgoepe.

 - Africa News Agency

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.