UShivambu uthi uyazisola ngesigameko esibandakanya intatheli

2018-03-20 16:01

Durban - Isekela lomholi we-EFF uFloyd Shivambu ukhiphe isitatimende ngoLwesibili emini kulandela ukusabalala kwe-video emtshengisa ebamba ngamawashingi intatheli emagcekeni ePhalamende.

UShivambu uthi lokhu kuhilizisana kudalwe wukuthi intatheli ibilokhu ibelesele njalo ifuna aphawule ekubeni bekubonakala ukuthi usematasa nokunye nalabo asebenzisana nabo kwazise ubephuthuma emhlanganweni weStanding Committee on Finance.

"Yize bengiphuthuma emhlanganweni, ngiyavuma ukuthi ukuziphatha kwami akwamukelekile," kusho uShivambu ngesitatimende.

"Okwenzekile bekungasikho ukuhlasela intatheli noma ilungelo layo lokusebenza ngokukhululeka. Ngiyazisola kakhulu ngokwenzekile futhi ngikholelwa ekutheni bekumele ngilusingathe ngenye indlela lolu daba.

"Ngiyazisola futhi ngiyaxolisa kakhulu ngokuhilizisana nomuntu engithole ngemuva kwesigameko ukuthi uyintatheli," esho.

OLUNYE UDABA: Ishaqekile i-PGA ngowe-EFF ohlasele intatheli ePhalamende

Uqhube ngokuthi i-EFF iyakholelwa kakhulu ekusebenzeni kwezintatheli ngokukhululeka. "Njengelungu le-EFF ngiyayihlonipha kakhulu inkululeko yabezindaba futhi okwenzekile bekungeyona inhloso yokuthi kufinyezwe leli lungelo."

Uphethe ngokuthi ngeke akhulume nabezindaba ngesigameko ngoba ukholelwa ekutheni ziningi izinto ezibalulekile okumele kukhulunywe ngazo kunale.

Khomananjalo, i-DA isigxeke kakhulu lesi sigameko sokuhlaselwa kwale ntatheli yeNetwerk24, u-Adrian de Kock.

ISekela likaSotswebhu we-DA, uMike Waters, uzobikela i-Ethics Committee ePhalemende ukuze ithathele uShivambu izinyathelo iphinde yenze nophenyo.

"Siyagqugquzela ukuthi uDe Kock avulele uShivambu icala. Ukuziphatha kukaShivambu okushayisa ngamahloni kuyizinkomba zokuthi i-EFF vele ayiziphathi kahle izintatheli," kusho iqembu ngomlomo kaPhumzile van Damme.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.