Ushiye umuzi wakhe osekhathele 'ukuxinwa' ngocansi

2017-05-20 14:01

Bulawayo - Owesifazane wase-Old Lobengula, u-Angela Mpofu uthi ufuna idivosi ngenxa yomyeni wakhe ozifelayo ngocansi.

UMpofu utshele iNkantolo yaseBulawayo ukuthi umyeni wakhe uNtandoyenkosi Mpofu uvele abhoke ngolaka uma engazibandakanyi ocansini naye.

"UNtandoyenkosi Mpofu ngumyeni wami, sashada ngo-Agasti 2011 kanti sinezingane ezimbili naye. Ungihlukumeza ngayo yonke indlela. Kanti futhi usengibize ngomqwayizi izikhawu eziningi ngaphambilini.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele osabise umkakhe ngembazo kubangwa i-payslip

"Ngemuva kokungithuka nami sengicasukile alale nami ngenkani.

"Ngazama ukulala kwelinye igumbi ngoba ngibalekela yena kodwa angilandele afike afune ukuzibandakanya nami ocansini ngenkani.

"Ngenxa yalo mkhuba wakhe omubi sengize ngathutha emzini wethu ngayohlala ekhaya kodwa kuyefana ngoba uyangilandela."

UNtandoyenkosi akazange aziphike izinsolo ezibhekiswe kuye wathi kwesinye isikhathi yinkosikazi yakhe ebanodlame uma ifika ekhaya icwile ezinkambini zikaFaro futhi akakaze amubize ngomqwayizi kodwa useke wamufica nenye indoda emzini wabo.

" Ayingijabulisanga indlela ababehlezi ngayo, yingalesi sikhathi-ke engamqondisa ngaso ngathi akangaziphathisi okomqwayizi," usho njalo.

Inkantolo iyalele uNtandoyenkosi ukuthi ahlukane nomkakhe, u-Angela wagunyazwa ukuba ahlale nabantwana babo.

 - Bulawayo24

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.