Ushiye umyeni kanye nezingane wayohlala nesoka ahlangane nalo ku-Facebook

2017-11-15 07:04

London – Umama wezingane ezingu-9 ushiye umyeni wakhe kanye nomndeni wonke wayohlala nesoka ‘elisha’ e-Afrika, ahlangane nalo ku-Facebook.

UHeidi Hepworth, 44, ushiye umyeni wakhe u-Andy ngenxa kaMamadou Jallow,30, walibhekisa eGambia, nakuba ebengakaze ayovakasha kwelinye izwe phambilini.

UMnu Hepworth, naye oneminyaka engu-44 ubudala, uthi unkosikazi wakhe waqala ukushintsha indlela aziphatha ngayo ngoMashi kulo nyaka – wayesethanda ukujima, ethenga inqwaba yeziphaqulo kanye nezingubo futhi esethanda ukuzikhipha.

Le ndoda ithi yabona ukuthi umkayo usezwana nabantu angabazi abasuka e-Afrika nase-Asia, ahlangana nabo ku-Facebook futhi isikhathi sakhe esiningi ubesesichitha kumakhalekhukhwini.

NgoMeyi wahamba nezingane zabo ezintathu, engaziwa ukuthi ukuphi, ngaphambi kokuba alibhekise eGambia ngeledlule.

UMnu Hepworth uthi umkakhe akaseyena lo ahlangana naye eminyakeni engu-23 eyedlule.

Uthi lento ihlukumeza kakhulu izingane zabo, ikakhulukazi eneminyaka eyisithupha ubudala, uthumbu wabo.

OLUNYE UDABA: Bazonikezwa isikhathi sokuhluza umqondo abafuna ukudivosa

“Umehluko ngaye ngaqala ukuwubona ngendlela ayesegqoka ngayo, ezenza intombi encane.”

Lezi zithandani zinezingane eziyisithupha ndawonye, kodwa uMnu Hepworth uyena okhulise nalezi ezinye ezintathu angazizali.

"Akukholakali ukuthi kuqale unyaka siwumndeni ohleli kahle, kumnandi konke.”

Lona wesifazane uziphendulele ngokuthi ulibone liseGambia ikusasa lakhe.

Utshele iThe Sun ukuthi: "Ngihlangane nenye insizwa, kasijoli nje [siyathandana]. Benginezinkinga vele emshadweni. Kuyinkinga yini ukuthi owesifazane athole ubudlelwane obusha? Umshado ufike esiphethweni. Ngijabulile kakhulu.”

"Izingane kangizishiyanga zodwa. Ngiyazikhumbula futhi ngiyakhuluma nazo nsuku zonke.”

"Angazi noma ngizohlala lapha impilo yami yonke yini kodwa ikusasa lami ngilibona linoMamadou, nezingane zami."

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.