Ushone ekhala ngokuxakeka uGunman

2017-06-18 15:15

Johannesburg – Kuthiwa ngaphambi kokuba uJabu Christopher “Gunman” Kubheka azibulale, uvulele umndeni wakhe nabangani isifuba ebatshela ngokuxakeka kwakhe ngenxa yokungawutholi umsebenzi.

Umngani wakhe uRefilwe Lekalakala uthe yize uKubheka amtshela ngobunzima bakhe, akekho owanaka ukuthi kanti le nto imudla kangakanani.

Uthi bayazisola kakhulu ngoba ngabe kuningi abebengakugwema, baphinde basindise nempilo yakhe.

“Ezinsukwini ezimbili ngaphambi kokuba azibulale benginaye engumuntu ojabule. Akekho nobesola ukuthi kukhona akusolayo. Besingakulindele lokhu akwenzile, kepha uNkulunkulu owaziyo,” esho.

OLUNYE UDABA: Kushone owazakhela udumo kwiYizo Yizo

NgoMsombuluko isidumbu sikaKubheka satholakala silenga emzini wakheabehlala kuwo nomkakhe uCynthia Khumalo, ngabo-16:30, emzini wabo oseSoshanguve.

ULekalakala unezezele ngokuthi yize uKubheka ebephuza utshwala cishe zonke izinsuku, kepha ubewumuntu oyikhathalele impilo.

Ukushona kukaKubheka kwembule elinye ikhethini ngoqhekeko olukhona emndenini njengoba amanye amalungu omndeni ekholelwa ukuthi uKubheka uzibulele ngenxa yokungahambi kahle kwezinto phakathi kwakhe nomkakhe.

Elinye ilungu lomndeni lithe ukufakazela lokhu, uKhumalo ubengahleli esipontshini ezilele umyeni wakhe.

Nokho okhulumela umndeni uThami Madondo ukuphikile lokhu, wathi uKhumalo ubehleli esipontshini kepha wadedelwa wumndeni ukuba ayokwenza amalungiselelo omngcwabo.

UKubheka, 48, kuthiwa ushiye emhlabeni izingane ezingaphezulu kweziyishumi.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.