Johannesburg - Amaphoyisa aseMakhado athungatha amadoda amabili adubule abulala umshayeli wetekisi oneminyaka engu-37 ubudala, phambi kwabagibeli, kusho amaphoyisa aseLimpopo ngoMgqibelo.
"Ngokwemininingwane, abasolwa bangena etekisini bobabili kanye nabanye abagibeli eBeitbridge," kusho isitatimende samaphoyisa.
OLUNYE UDABA: Kudutshulwe umshayeli wetekisi ekhala ngokushoda kwemali eRandburg
"Laba bobabili bafike bahlala ngemuva komufi. itekisi yayibheke ePolokwane. Endleleni abasolwa bacela umufi ukuba ame eceleni komgwaqo ngoba befuna ukuyoshobinga, bonke abagibeli bavumelana.
"Kusolwa ukuthi ngesikhathi itekisi isizofika ejikeni lika-Fort Edward abasolwa batshela umshayeli ukuthi akajike wanqaba base bemdubula ekhanda, washona ujuqu. Abasolwa base benyamalala, bangena emahlathini ngaphandle kokumkhuthuza."
"Kwakhishwa izinsiza zamaphoyisa, kubalwa nendiza enophephela emhlane kuyothungathwa abasolwa. Nmanje abasolwa basagcwele amathafa kanti kukholakala ukuthi kungenzeka ukuthi basasehlathini. Kube sekuhlelelwa ezokuthutha zabanye abagibeli," kusho isitatimende.
- African News Agency (ANA)
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba
ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter