Ushonele e-rehab obethanda kakhulu i-internet

2017-08-15 18:00

China - Ushone ngemuva kwezinsuku ezimbili esesikhungweni sokuhlunyeleliswa isimilo umfana obethanda kakhulu i-internet.

IChina ingeyokuqala ukuveza isimo sabantu abathanda ngokweqile i-internet.

Kuthiwa leli lizwe lithi bayizigidi abantu abanenkinga yokunamathela ezinkundleni zokuxhumana futhi esikhathini esiningi ngabafana abasebasha.

Kulokhu, abazali baka-Li Ao, 18, bazame zonke izindlela ukusiza indodana yabo ukuba iyeke ukunamathela kwi-internet ngokuyifundisa ngebhizinisi lasekhaya, bazama nokuyibhalisa emasosheni, kodwa konke lokho kwangasebenza.

Ngemuva kwemizamo eyahlukahlukene, abazali balo mfana bathathe isinqumo sokumhambisa esikhungweni esilekelela abantu abanenkinga yokunamathela ezintweni bangabe besakwazi ukuziyeka.

OLUNYE UDABA:Basale bekhexile abangawatholanga amathikithi endiza ebiza uR2

Laba bazali bakhokha imali engaphezu kuka-R45 465.21 izinsuku ezingu-180 kwelashwa indodana yabo.

Lesi sikhungo sithembise abazali balo mfana ukuthi sizomelapha ngokwengqondo aphinde aqeqeshelwe ukuba yisosha.

Ngemuva kwezinsuku ezimbili, isikhungo sibikela abazali balo mfana ngokudlula kwakhe emhlabeni kanti akuqondakali kahle ukuthi ubulawe yini, kubika iThe Citizen.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.