Durban – Ushonile lowo owayeyiSekela likaMeya woMkhandlu wesiFunda uMzinyathi owahlaselwa ngempelasonto.
UFelamandla Mkhize udutshulwe ngempelasonto eDundee kanti amaphoyisa asekhiphe isitatimende sokuthi ukufa kumnqobe ngoLwesibili ngenxa yamanxeba amabi.
UNgqongqoshe wezokuPhepha kanye nokuVikeleka koMphakathi uMxolisi Kaunda ukugxekile ukuhlaselwa kukaMkhize.
OLUNYE UDABA:IMeya yaseGoli inxusa umphakathi waseRosettenville ukuba wehlise ulaka
Okwamanje ayikaqondakali imbangela yokuhlaselwa kukaMkhize obeyikhansela le-National Freedom Party.
Umufi uhlaselwe endaweni yaseDundee ngoMgqibelo.
Ukuhlaselwa kukaMkhize kulandela esinye isigameko esenzeke eRichmond, kuso lesi sifundazwe, lapho oshayasibhamu bedubule babulala khona amalungu amane omndeni wakwaChiliza.
Kuthiwa oshayasibhamu bagasele kulo muzi baquthuza amalungu omndeni ngenhlamvu.
Ababulewe ngoCecelia Chiliza, 60, Dumisani Chiliza, 35, Nkosikhona Masango, 27, noNoxolo Dawood, 11.