Ushonile umculi weGospel wakuleli osacazeke phansi esuka esitezi sesibili eCzech Republic

2018-02-25 12:01

Durban - Ushonile umculi weGospel waKwaZulu-Natal owe esuka esitezi sezibili enxanxathela yezitolo eCzech Repaublic.

UMandla Jinaye, 25, kubikwa ukuthi uwe ngesonto eledlule eFlora Shopping Mall ePrague.

Lo mculu welungu lekhwaya iZululand waya kuleli zwe nekhwaya eminyakeni emibili eyedlule ube esebuyela eyoqhubeka kulo mculo.

Umndeni wakhe oseNseleni eduzane naseRichards Bay, utshelwe yintombi yakhe uLucie Kostelecka yaseCzech nayo engumculi.

OLUNYE UDABA:Kushone umakhi e-KZN ewa esuka esitezi sesine

UKostelecka uthe uJiyane wayehamba nozakwabo beye ebhayiskobho e-Mall.

"Akekho owangibikela ngesigameko ngaze ngazitholela. Amaphoyisa angitshengisa ivideo eveza uJiyane eziphosa, into nengingajkholwa ukuthi engayenza.

"Besingekho isidingo sokuba azibulale, ubengenazo izinkinga futhi ubesanda kuthola nomsebenzi," kusho lo wesifazane, 37.

UKostelecka uthe isitezi sesibili e-Mall singangu-12m ukuphakama futhi akuhlangani asekuzwile ngokushona kukaJiyane.

"Omunye wabasebenza noJiyane utshele amaphoyisa ukuthi babebhema umthunzi wezinkukhu, wabe esenza izinto ezingajwayelekile wagxuma. Angikukholwa lokho, ubengabhemi futhi ubengabuphuzi utshwala. Abanye bathe bekuliwa eMall, kwabakhona owamuqhweba wathuka wawa. Angazi ukuthi ngikholweni," esho.

UJiyane noKostelecka banendodana enezinyanga ezingu-4 izelwe.



 - SUNDAY TRIBUNE

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.