Ushonile owesilisa odutshulwe ezama ukubalekela abebemhlasela eFilidi

2017-10-23 15:59

eFilidi - UQiniso Sibeko, 19, ongumfundi kamatikuletsheni eFilidi High School, udutshulwe kabili waphinde wagwazwa emhlane ngesikhathi ezama ukubalekela labo abebemhlasela.

Abazibonele ngawabo bathi leli bhungu belimi eceleni komgwaqo endaweni yaseMgabini namamadoda amabili ngesikhathi kufika imoto yohlobo lweMazda 323 ebomvu ima phambi kwabo.

Kuphume amadoda amane emotweni ahlasela omunye walaba, agwaza lo omunye ngaphambi kokuhlasela uSibeko.

Ngemuva kokwenza lokhu, la madoda angene emotweni abaleka.

OLUNYE UDABA:Basale enkundleni abasolwa ababili abebedubulana namaphoyisa eMkhomazi

Amadoda amabili abemi noSibeko asindile kodwa yena ushonele endleleni eya esibhedlela.

Amaphoyisa athi acela amalungu omphakathi anolwazi olungaholela ekuboshweni kwabasolwa axhumane nomseshi ophethe icala uWalter Buthelezi, ku-073 020 7784, kubika iVryheid Herald.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.