Ushonile umfana ominze ebhukuda eVerulam

2018-04-30 16:00

eThekwini - Umfana oneminyaka engu-17 ubudala ushonile ngemuva kokumzinza ngesikhathi ebhukuda exhaphozini elingasemgwaqeni uHazelmere Road eVerulam, KwaZulu-Natal.

Lokhu kwenzeke ngoMgqibelo emini ngezithuba zika-12:05.

Ngokubika kwe-Phoenix Sun abe-Rection Unit South Africa baphuthume endaweni yesigameko ngemuva kokubuzwa ngamalungu omphakathi.

Kuthiwa amalungu omphakathi atshele labonogada ukuthi isidumbu salo mfana sitakulwe ngomunye wabangani bakhe.

"Ngesikhathi abezimo zokuqala behlola isimo sakhe, babone ukuthi umphefumulo usuhlukene nenyama futhi akukho okungenziwa ukumsiza.

OLUNYE UDABA: Alokhu angene njalo amazwi enduduzo ngokushona kusaziwayo abathathu

Kuthiwa umufi ubehlala nomalumekazi wakhe endaweni yaseNdwedwe.

"Ubevakashele umama wakhe kanye nobaba omncane wakhe ngale mpelasonto. NgoMgqibelo ekuseni, waphuma ekhaya nabe abangani bakhe bezula base benquma ukuyobhukuda kule ndawo ngesikhathi bebona ukuthi kugcwele amanzi. Kuthiwa uqale ukuxineka esephakathi emanzini ebhukuda nokuyilapho aminze khona,"kusho umbiko.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.