Ushonile umfana ominze emfuleni uMvoti

2017-01-30 13:01

KwaDukuza - Ushonile umfana oneminyaka engu-12 ubudala ominze ewela umfula uMvoti, kubika i-Eyethu News.

Lokhu kwenzeke ngeSonto ngesikhathi lo mfana ezama ukuwela emfuleni kanti uzowela endaweni eshona kakhulu.

Umngani walo mfana obehamba naye uzamile ukutholela umngani wakhe usizo.

Umphakathi uphume ngobuningi bawo uzama ukuhlenga impilo yalo mfana.

OLUNYE UDABA:Usosizini umndeni womfana ominze eqala ukuya ebhishi

Abatshuzi bafike kule ndawo nabezimo eziphuthumayo bafike batakula isidumbu salo mfana esitholakale endaweni engamamitha ayisikhombisa nalapho eminze khona

Isigameko esifana nalesi asiqali ukwenzeka kuyo le ndawo njengoba ngonyaka odlule kwashona umfana oneminyaka engu-9 ubudala eminza kuwo lo mfula.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.