Ushonile umfana ozidubule ngesibhamu sikamkhulu wakhe e-KZN

2018-02-23 16:00

Durban - Kushone umfana oneminyaka engu-13 ubudala ngemuva kokuzingqokloza ngesibhamu sikamkhulu wakhe kuBorder Road, eSea Park, ePort Shepstone, ngoLwesithathu ntambama.

Okhulumela amaphoyisa, uLieutenant-Colonel Zandra Wiid, uthe kukholakala ukuthi ngesikhathi lo mfana ebuya esikoleni, ukwazile ukuvula ikhabethe lensimbi obekuhlala kulo isibhamu egumbini lokulala likamkhulu wakhe wabe eseyazidubula.

“Kuvulwe idokodo ngokufa komuntu, kanti uphenyo luyaqhubeka,” esho, kubika iSouth Coast Herald.

OLUNYE UDABA: Izidubule yazibulala ingane ithola ngesibhamu endlini

Kwesinye isigameko saphesheya kwezilwandle, iziphathimandla zithi umfanyana wase-Ohio, eMelika, amaphoyisa abike ukuthi ufike nesibhamu esikoleni wabe esezidubula ngaso esendlini yangasese, kugcine kumenele esibhedlela.

Ihhovisi iSummit County Medical Examiner lithe lo mfana ushonele esibhedlela ngoLwesithathu.

Amaphoyisa aseJackson Township abebike ngaphambilini ukuthi lo mfana uzidubule ngoLwesibili esesikoleni afunda kuso iJackson Middle School, ngaseMassillon.

Amaphoyisa athi abengakokwazi ukuthi ngabe lo mfana uzidubule ngamabomu noma kube yiphutha na, athi okwamanje aqhuba uphenyo.

Kulesi sigameko akekho omunye umfundi olimalile.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.