Ushonile umfundi oshayiswe yimoto ebihamba ngesivinini esikhulu

2018-03-17 11:34

Thohoyandou – Kushone umfundi oyedwa kwalimala kabi ababili ngesikhathi beshayiswa yimoto ebihamba ngesivinini esikhulu ngaphandle kwesikolo sabo ngoLwesihlanu.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Moatshe Ngoepe, uthe le ngozi yenzeke emgwaqeni uTshivhulana ngasesikoleni iTshivhulana Primary School.

"Amaphoyisa abikelwe ngale ngozi ngemuva kokuba yenzeka kwatholakala lezi zingane zilele ebhuqeini zilimele kabi,"kusho yena.

UNgoepe uthi bobathathu laba bafundi baphuthunyiswe esibhedlela kodwa oyedwa uVutomi Baloyi, 7, ushone sebefika esibhedla.

OLUNYE UDABA:Angeniswe esibhedlela amadoda ashaywe wumphakathi

Amagama abo bonke laba bafundi ayaziwa ngoba atholakale khona esikoleni.

Amaphoyisa akugqeke kakhulu ukushayela budedengu kwabanye abashayeli ikakhulukazi emigwaqeni eseduze nezikole.

Imbangela yengozi kayikacaci kahle kodwa amaphoyisa aphenya icala lokubulala ngokungenhloso.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.