Usihlalo we-ANCYL omisiwe ukhala ngokuthelwa nge-coffee

2016-08-02 16:01

Johannesburg - USihlalo wesiFunda saseMopani we-ANC Youth League omisiwe, uHassani Ngobeni, uthi isikhulumi senhlangano esifundazweni, uMaotme Moremi, samshaya sase simbhunyela nge-coffee.

Ngokusho kukaNgobeni, ngesonto eledlule ubeye komkhulu be-ANC eFrans Mohlala House eyovakashela unobhala wesifundazwe ngesikhathi kuqala ingxabano phakathi kwakhe noMoremi.

OLUNYE UDABA: Lihlehlisiwe elowe-ANCYL osolwa ngokubulala intombi

"Ngamubuza ukuthi kungani ehleba ngami, ngamtshela ukuthi angizelanga izikibha kodwa ngizobonana nonobhala wesifundazwe we-ANCY owathi usehhotela," kusho uNgobeni.

Uthi walinda unobhala ehhotela. Uthi wabeeseqondwa nguMoremi. Ngemuva kwengxabano naye, uMoremi wamshaya ngempama ebusweni wase emthela nge-coffee.

"Waqhubeka wangishaya  waze wadabula nempahal engangiyigqokile. Ngamcela ukuthi angiyeke kodwa waqhubeka nokungishaya. Ngemuva kwalokho ngayakobikela amaphoyisa esiteshi samahoyisa asePolokwane ngodaba ngavula icala lokushaywa,"usho njlao.

Yize kunjalo uMoremi wazichitha izinsolo. Waqinisekisa ingxabano kodwa waphika ukuthi washaya uNgobeni.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.