Sweetwaters - Usabambe ongezansi umphakathi waseSweetwaters eMadwaleni, ngemuva kokutholakala kowesifazane enqunywe ibele, isitho sakhe sangasese, isicubu phansi kwekhwapha, izicubu ezimbili emaqhezwini ezinqa wase esegundwa nezinwele.
UZodwa Madlala,34, utholwe ngeSonto ekuseni enqunu ngaphandle kwendlu yomxhaso komunye umuzi wesihlobo okuyona lendawo. Ngesikhathi etholwa uZodwa kuthiwa ubesaphila kodwa engasakhulumi. Ugcine ngokuthi ashone khona endaweni yesigameko, kubika Eyethu News.
Ngokusho kukadadewabo omdala, uNelisiwe Madlala uthe umufi bamgcine ngoMgqibelo ebusuku emcimbini wembeleko owawenzelwe ekhaya labo elikhulu.
“Ngamgcina sihamba naye sibaningi sinyuka sizolala ekhaya sisuka ekhaya elikhulu. Ngathi uma ngijika ngibheka emuva sesizofika ekhaya akasekho uZodwa saqhubeka kodwa ngazitshela ukuthi ubuyele ekhaya elikhulu okanye usefonele isoka lakhe lakaZayeka uSandile ukuthi lizomlanda ngoba linemoto.
"Mina ngaqhubeka saya ekhaya nomunye umngani wami ngoba kwase kuhlwile ngathi ngeke akwazi ukugoduka akalale. Sahlala kwaze kwashaya izikhathi zehora lokuqala ezintathakusa ngeSonto engafiki saze salala,” kubeka yena.
OLUNYE UDABA:Ugwaze umngani kubangwa ubhiya eMlazi
Uqhube wathi wezwa ngoba esevuswa ekuseni kuthiwa abazobona uZodwa. “Kwakuyizikhathi zehora lesihlanu ekuseni ngesikhathi kuthiwa asizombona. Samfica esaphila kodwa engasakwazi ukukhuluma. Ubenqunu izimpahla zakhe zihlakazekile eduze kwakhe zimaniphiphi zidabukile.
Ngazama ukumbuza ukuthi kwenzekeni ubani omenze isihluku esingaka kodwa wangakwazi ukuphendula kodwa sibona ukuthi uyafuna kodwa kungathi ulimi lwakhe lusikiwe. Ngase ngibona ukuthi uyahamba washona ngempela.”
Lo mndeni uthi kukona konke okwenzekile into ebahlukumeza kakhulu ukusikwa kwezicubu zomzimba kaZodwa ngoba abazi ukuthi zizokwenziwani.
Uphinde waveza ukuthi okubadidayo ukuthi amalunga omndeni alapho kutholakale khona uZodwa, athi akazange ezwe lutho ngoba ayedle izinkambi zikaFaro, kodwa amalunga omphakathi angomakhelwane athi amuzwa uZodwa ekhala ememeza ecela usizo.