Usinde esegwazwe amanxeba angu-7 owesimame eMpumalanga

2017-02-09 09:33

Mpumalanga - U-Emily Mthimunye, 44, waseLeeufontein, usinde ngokulambisa ngemuva kokuhlaselwa yisoka lakhe.

Lokhu kwenzeka ngenyanga edlule esemzini wakhe nesoka lakhe ngesikhathi limhlasela ngommese, kubika iDaily Sun.

U-Emily wabalekela ethaveni yakhe kodwa isoka lamlandela limshaya, lamgwaza kwaze kwasiza omakhelwane.

“Isoka langishaya lase liyahamba, ngangicabanga ukuthi sekuphelile kodwa ngamangala libuya nommese langigwaza amanxeba ayasikhombisa ngaze ngaquleka. Ngiphaphame ngilele phezu kwedamu legazi.”

OLUNYE UDABA:Licekele phansi imoto yami isoka elinesikhwele

Lo wesimame uthe uthuke kabi ezwa izwi lesoka litshela abantu phandle ukuthi libuyele ukuzomqedela.

“Yilapho engabona khona ukuthi kumele ngibe nesibindi uma ngisafuna ukuphila,” kuqhubeka yena.

Lo mama uthi wazihudulela ethoyilethi eyocasha nokuyilapho athola khona ibhodlela eline-esidi wase ehloma ngalo. Lathi livula umnyango isoka walijikijela ngalo ebusweni. “Ngalizwa limemeza likhala.”

Ngokusho kukaKaputeni Zandile Gxawa leli soka livulelwe icala lokuhlasela kodwa nalo livulele lo wesimame icala elifanayo.

“Okwamanje akukaboshwa muntu kodwa uphenyo lusaqhubeka,” kusho uGxawa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.