Usinde ezibhamini nonkosikazi wakhe uDJ

2017-06-04 17:50

Durban - Usekhiphe umehlokaboni uThulisa Dludla odume ngelikaDJ Mlisa obanjwe inkunzi waphucwa imoto nakho konke obekuphakathi ngesonto eledlule eMorningside eThekwini.

UMlisa ogqame kwabathanda i-house ne-old school uthi uyoyixoxela amagwababa echobana into emehlele ngoLwesithathu kusihlwa ehamba nonkosikazi wakhe bekhonjwa ngezibhamu bobabili bedunwa imoto.

"Ngisuke eMlazi kwamalume kade siyovela nonkosikazi njengoba kushone umalumekazi. Ngiye edolobheni ngoba kunomhlangano omncane ebengizoba nawo eLangeni Hotel njengoba bengilungisela nohambo lwaseSwazini.

"Unkosikazi ucele ukuba ngimshiye kamngani wakhe eMorningside, ngimthathe uma sengiqedile. Sithe sisendleleni ngaseGreyville ngaqala ngaqaphela ukuthi kunemoto elokhu ingihleli emhlane. Ngibe sengijikajika ngidukisa umkhondo ngifuna nokubona ukuthi iyaqhubeka na nokungilandela. Kuthe sesiyofika ngakwamngani bengingasayiboni kanti ngizothi ngijikela ukungena khona ivele iqhamuke ingivale ngaphambili bese kwehla abesilisa ababili isigubhukane bephethe izibhamu ngezandla.

OLUNYE UDABA: Uphonsela inselelo ukuxoshwa kwakhe

"Esinye besimnyama esinye sisasiliva. Baqale bakhomba unkosikazi ngavele ngabona ukuthi uma kukhona engizama ukukwenza ngizobe ngifaka impilo yakhe engozini. Bafune amafoni, bagulukudela phakathi emotweni. Le abebehamba ngayo bese isukile yahamba. Sisizwe wukuthi singene kamngani kankosikazi ukuze sikwazi ukufonela amaphoyisa nenkampani ye-tracker nokwenze sasheshe sayithola imoto kodwa izinto ebeziphakathi zingasekho," kuchaza uMlisa.

Uthi imoto itholwe ngamaphoyisa aKwaMashu ilaxazwe eLindelani nokhiye uphakathi.

Uthi akukhalela kakhulu yi-laptop egcwele umculo nosekuyiminyaka ewuqoqa, okuyiwo aziwa ngawo.

"Le laptop ngayithenga ngo-R19 000, bekunezibuko zika-R5 000 phakathi (emotweni) namafoni-ke abawathathile okuyiJ 3 ne-IPhone. Wonke umsebenzi wami uphakathi kule laptop, sengingayikhokhela nokuyikhokhela uma kukhona ongangibuyisela yona. Namanje ngisazama nokuqonda ukuthi amaphoyisa ahlulwa yini ukubamba lezi zigebengu zeGolf 7 emhlophe ene-sun roof esiqede abantu eThekwini. Sengihamba ngethuka izanya manje," kubalisa uMlisa.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uKaputeni uNqobile Gwala ukuqinisekisile ukuvulwa kwecala wathi amaphoyisa asaphenya, akukakaboshwa muntu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.