Usinde ngokulambisa owayengumdlali webhola

2016-07-10 11:01

Johhanesburg - Owayengumdlali weMamelodi Sundowns  u-Esrom Nyandoro usinde ngokulambisa ngeledlule ngesikhathi ehlaselwa yizigebengu emzini wakhe eKempton Park.

Imithombo yeSunday Sun ithi abalisa abangaziwa bakhomba ngesibhamu uNyandoro ngemuva kwalokho bapetulula yoke izinto endini.

Omunye umthombo, osondelene nalesi sihlabani , utshele iphephandaba ukuthi ngesikhathi sebeqedile ukuphanga babaleka nempahla kanye nemali.

“Isehlakalo senzeke ngoLwesine ngesonto eledlule. Ucishe wafa,” kusho umthombo.

Funda nalolu daba: Ushaya ibhuya uMashamaite

Umthombo uthi uNyandoro akazange atatazele kanti futhi izigebengu zabaleka nemali elinganiselwa ku-R25 000, iselula kanye nokhiye bemoto.

Ngesikhathi ebuzwa ngalokhu uwalile ukwenaba kodwa wathi namanje usathukile futhi akathandi ukukhuluma ngalolu daba.

Ebuzwa ukuthi izigebengu zithathe malini, uthe imali eningi impela.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Tsekiso Mofokeng ukuqinisekisile ukuthi uNyandoro wabanjwa inkunzi ekhonjwe ngesibhanu nokuthi kuvulwe icala kanti kuyaphenywa.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.