Pietermaritzburg - Indoda okukholakala ukuthi ineminyaka engu-31 ubudala icishe yafa ngemuva kokuba ishayiswe yisitimela endaweni yaseMgungundlovu KwaZulu-Natal ngeSonto ekuseni.
Ngenhlanhla le ndoda isindile kulesi sigameko yathola amanxeba amancane.
OLUNYE UDABA: Ushonile ophushelwe ngaphandle isitimela sihamba
Isigameko senzeke kuMorcom Road endaweni yasePrestbury. Abosizo lokuqala i-ER24 nabanye bezimo eziphuthumayo baphuthume endaweni yesiogameko.
"Ngesikhathi befika endaweni yesigameko, abosizo lokuqala bafice indoda ilele phansi eduzane nojantshi. Ngesikhathi ihlolwa kutholakale ukuthi inamanxeba amancane.
"Ilashelwe endaweni yesigameko ngaphambi kokuphuthunyiswa esibheldlela. Iziphathimandla bezisendaweni yesigameko ziphenya," kusho uChitra Bodasing we-ER24, kubika iTimesLive.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter