Usindile owe-ANC ehlaselwa nomndeni wakhe ePMB

2016-07-17 14:01

Pietermaritzburg - UNonhlanhla Khumalo onguSihlalo kaward 22 kuKhongolose eMgungundlovu uthi usehlalele ovalweni yena nomndeni wakhe ngemuva kwesigameko sokudubula.

UKhumalo osebambe lesi sikhundla iminyaka engaphezu kweyishumi uvule icala esitehsini samaphoyisa asePlessislaer kulandela isigameko esethusayo esenzeke ngoLwesithathu ngezithuba zabo-20:30.

OLUNYE UDABA: Udalule ababulali owe-ANC wasembali ngaphambi kokushona

"Ngangifika nje endlini ngiphuma emhlanganweni womphakathi. Sasibuka ithelevishini nezingane zami ezintathu ngesikhathi sizwa kuqhuma izibhamu. Kwakuzwakala eduze ukuqhuma kwazo sasesibona ukuthi zibhekiswe kithi," usho kanje.

""Sonke salala phansi ngezisu. Inhlamvu yayingena ngomnyango wasekhishini, salala phansi zaze zaphela. Sabe sesishayela amaphoyisa uciongo ngokushesha kodwa afika emini ngakusasa," usho njalo.

Ngokusho kwamalungu e-ANC ayesemzini kaKhumalo ngesikhathi kukhona abeGroundup, lesi sigameko sokuhlaselwa sihlobene nesezepolitiki.

Okhulumela amaphoyisa uMajor Thulani Zwane uqinisekise ukuvulwa kwecala lokuzama ukudubula nokucekelwa phansi kwempahla esiteshini samaphoyisa asePlessislaer.

"Imbangela yokudubula ayaziwa kanti futhi bekungakaboshwa muntu."

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.