Usindile umfundi ogwazwe ngasesikoleni

2018-02-16 12:31

Johannesburg - Ube nenhlanhla waphila umfundi owenza uGrade 11 waseN'wamitwa ngaphandle kwaseTzaneen kulandela ukugwazwa esiswini.

Ekhuluma esesibhedlela iLetaba, uLouis Malungani, 21, ongumfundi wesikole iMbhekwana High, uthe uhlaselwe ngoba engamazi ukuthi ukuphi umngani wakhe.

"Bekusayisidlo sasekuseni esikoleni ngesikhathi ngiya esitolo ngiyothenga okokuphuza. Ngifice abafundi abathathu bengilinde esangweni esikoleni befuna ukwazi ukuthi bakuphi abangani bami. Ngesikhathi ngibatshela ukuthi angabazi bangikhiphele ummese bangigwaza," esho.

OLUNYE UDABA:Umfundi ka-grade 8 'ugwaze wabulala' uthisha emsola ngokumfeyilisa

UMalungani uthe ube esephuca omunye wabafundi ummese. "Ngesikhathi bebona ukuthi ngiyopha, babe sebeyabaleka."

Uthe ubambe isisu wahamba kancane eyofuna usizo ngaphakathi esikoleni. UMalungani uthe ababili kwabamhlaselile bafunda naye kulesi sikole.

Omunye umfundi obekhona ngesikhathi sesigameko, uJabu Mathebula, 19, uthe uMalungani uhlaselwe abantu abathathu.

"Omunye wabo ufune ukulwa naye bengekho abangani bakhe okusolwa ukuthi bamsiza ngesikhathi elwa nomunye wabafundi baseBabanana Village ngoLwesihlanu," echaza.

"Kungokokuqala kwenzeka into efana nale esikoleni," kusho omunye wothisha ongathandanga kudalulwe igama lakhe.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo uSam Makondo uthe uMnyango usuqalise uphenyo kulolu daba.

 - SowetanLive

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.