Usindile umfundi ohlaselwe wahudulelwa ehlathini

2018-02-22 16:00

Port Elizabeth - Umfundi oneminyaka engu-14 ubudala uhlaselwe esendleleni eya esikoleni ngoLwesithathu.

Kuthiwa lo mfundi obeseshiywa yisikhathi ngesikhathi esendleleni ebheke esikoleni, uhlangatshezwe wumsolwa omuvale ngepulasitiki ekhanda wangakwazi ukuphefumula.

Besekusele ibanga elingangekhilomitha afike esikoleni ngesikhathi eihlaselwa waze wahudulelwa ehlathini washiywa khona lapho ngumsolwa obecabanga ukuthi useshonile.

Kukholakala ukuthi lo mfundi ofunda eLinkside High School udlwenguliwe kulesi sehlakalo.

OLUNYE UDABA:Kuphuthunyiswe inqwaba yabafundi esibhedlela 'ngokudla ukudla okunobuthi' esikoleni

Kuthiwa lo mfundi utholwe omunye umfundi naye obeshaywa yisikhathi sokungena kwesikole.

Lo mfundi uphuthume wabiza uthisha, okwazile ukuthi amphuthumise esibhedlela ngemuva kokuba bemthole edindilize kuleli hlathi kodwa esaphefumula.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Johan Rheeder uthe lokhu kwenzeke ekuseni ngo-08:00, eCarnoustie Crescent, eLinkside.

"Kubonakala sengathi lo mfundi ubehamba emgwaqeni ngesikhathi ehlaselwa wumuntu omhudulele ehlathini eliseduze komgwaqo owubhuqu," kusho yena.

Uqhubeke wathi abakwazi ukuqinisekisa okwenzekile kulo mfundi ngoba uqulekile ngemuva kokuncishwa umoya kanti futhi akakhumbuli kahle ukuthi kwenzekeni.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.