Usindile umshayeli weloli lamafutha kugqamuka ilangabi ku-N3

2017-08-14 19:31

Durban - Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko bathola umshayeli weloli elimele okungatheni.

Lo mshayeli ubehamba ku-N3 phakathi kwaseMooi River naseNottingham Road ngeSonto ebusuku ngesikhathi iloli lakhe liphaphalaza.

Leli loli ebelithwele amafutha akwaSunflower Oil, liphaphalaze layowela ngale komgwaqo nokuyilapho kuqubuke khona ilangabi.

“Ngesikhathi kufika abezimo eziphuthumayo, bathole umshayeli weloli eseceleni kwalo lisha. Lo mlisa ulashelwe kule ndawo elimele esandleni,” kusho okhulumela abe-ER24 u-Annine Siddall.

OLUNYE UDABA:Kushone abantu abayisithupha ibhasi lishayisa iloli elimile

Kwesinye isigameko esenzeke eMgungundlovu, kulimale abagibeli abayishumi kushayisana amatekisi ngakuHilton Avenue.

Lokhu kwenzeke ngoMsombuluko ekuseni, kanti abezimo eziphuthumayo bafike kule ndawo ngo-07:30 ekuseni bathola itekisi limi phakathi nomgwaqo.

Babili abantu abalimele kakhulu kanti abangu-8 bathole imihuzuko.

Imbangela yale ngozi ayikaqondakali kahle kodwa bonke abalimele baphuthunyiswe esibhedlela.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.