Pietermaritzburg - UNonhlanhla Khumalo ongusihlalo segatsha le-ANC eMachibisa kuWadi 22 usinde ehlaselwa ekhaya lakhe ngoLwesithathu ebusuku.
UKhumalo useneminyaka engu-10 engusihlalo waleli gatsha uthi akasazizwa ephephile ngisho esekhaya.
OLUNYE UDABA:I-EFF izosebenzisana namaqembu amelene ne-ANC– Malema
“Bengisanda kufika ekhaya ngibuya emhlanganweni womphakathi. Besibukela umabonakude nezingane zami ezintathu ngesikhathi sizwa kuqhuma isibhamu,”kusho yena.
UKhumalo uthe bavele balala ngezisu nezingane zakhe kwaze kwaphela ukudubula. Uthe bashayele amaphoyisa kodwa aze afika ngosuku olulandelayo emini.
Amalunga e-ANC ahambele emzini wakhe ngemuva kwalesi sigameko athi lokhu kuhlasela kuhambisana nezombusazwe, kubika iSowetanlive.