Usindiswe wumakhwapheni wakhe obesolwa ngokudlwengula

2017-08-15 19:30

Carletonville - UTsile Mathibe, 38, ukholwa wukuthi ngabe sekukhulunywa okunye ukube akazange asizwe wumakhwapheni wakhe.

Lo mlisa ohlala eKhutsong, eCarletonville, uzithole ebhekene nesigejane samadoda amahlanu abehlomile emsola ngokudlwengula.

Uthi lokhu kwenzeka ngoLwesine futhi wayebona kahle ukuthi uzofa, ngenhlanhla kwaqhamuka umakhwapheni wakhe.

“Nguye owatshela la madoda ukuthi nganginaye ngalobu busuku okwadlwengulwa ngabo umuntu,” kusho yena etshela abe-Daily Sun.

OLUNYE UDABA:Umphakathi ushise umuzi womsolwa naye ephakathi

UTsile uthi ngenxa yokuthi yena bebengamkholwa, kusize ukufika kukmakhwapheni wakhe ngoba yena bamlalelile.

Uthi ubebuya ezitolo ngesikhathi ehlaselwa yileli qulu lamadoda ebelidinwe lisiphula izidindi.

“Bengingazi ukuthi bafunani kimi njengoba bebengihlasela, bengizibuza ukuthi kungani la madoda ehlomile eqonda ngqo kimi,” kuqhubeka yena.

Uthi umakhwapheni wakhe wabona amadoda emgijimisa wabe eseyaphuma ezomlamulela.

Umakhwapheni watshela la madoda ukuthi angafakaza nasenkantolo ukuthi wayenaleli soka lakhe ebusuku bangayizolo nokuwubusuku abathi isisulu sadlwengulwa ngabo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.