Usinde ngokulambisa umndeni wakwaMvubu uhlaselwa oLundi

2018-04-05 18:01

eThekwini - Umndeni wakwaMvumbu usinde ngokulambisa ngesikhathi kuhlaselwa ikhaya labo ngoLwesibili ekuseni.

Ngezintatha zangoLwesibili, kushiswe orondo ababili kanye nomuzi omkhulu walo mndeni osendaweni yaseZakheni oLundi.

UXolani Mvubu, 31 utshele abeDaily Sun ukuthi lomlilo ushiye amalungu angu-10 alo mndeni engenakhaya kanti okwamanje basacuphe ezihlotsheni ngoba kushe kwangqongqa yonye impahla yabo.

OLUNYE UDABA:Indoda igwaze umzala wayo kubangwa imali yokugibela

UXolani uthi ngoMsombuluko ebusuku owesilisa owayeyisoka likadadewabo omncane uNosipho, 22 lafona lisabisa ngokubulala umndeni wakubo wonke.

"Besengizwile ukuthi selokhu udadewethu ahlukana nalo mlisa akafuni ukwamukela. Ngesikhathi sizwa ngezinsongo zakhe, kasizange sizithathele phansi.

"Sahamba ekhaya sayolala komakhelwane. Ngezintatha savuka sibona kuvutha amalangabi ekhaya,"kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa aseKZN uColonel Thembeka Mbhele usiqinisekisile lesi sigameko wathi amaphoyisa asoLundi aphenya icala lokushisa.

"Akukaboshwa muntu okwamanje," kusho yena. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.