USipho Ndaba: UMhleli wemicimbi esoqphelweni eliphezulu

2017-12-20 09:30

eThekwini - USipho Ndaba unguMgqondisi-Jikelele wenkampani i-Mbawula Investments, okuyiyona ehlela imicimbi iLast Dance Music Festival (eseRichards Bay kusukela ngomhlaka 30 kwephezulu) kanye neDrakensberg Extravaganza (ebingeyokuqala kulo nyaka eBergville ngomhlaka 25 Okthoba).

Lo somabhizinisi udabuka eBergville wenza izifundo zobunjiniyela enyuvesi yaseMangosuthu.

UNdaba unesipiliyoni esihle kakhulu kwezemisebenzi njengoba ekewasebenza njenge-Sales Rep enkampanini iBavaria Breweries, ngaphambi kokuba aphume isinxele ethola amathuba amahle okuzisebenza.

Lo somabhizinisi wayesebenza ukudiliva utshwala kanye nonemenadi ezitolo ezisemalokishini ebona ukuthi maningi amathuba omsebenzi kule mboni kodwa bancane abakwenzayo.

Lokhu akubanga lula njengoba eveza ukuthi izingqinamba ezinkulu ayebhekana nazo kwakungukungabibikho kahle kwenzuzo, kanti nezokuphepha zingaqinisekisiwe kahle.

Washiya leli bhizinisi wangena embonini yokumaketha nakhona ebona amathuba amahle okuhlela imicimbi eseqophelweni eliphezulu.

UNdaba watshala imali engango-R1.2 million nge-sound system esoqophelweni eliphuzulu, eyiqashisela izinkampani ezinkulu kanye neminyango kahulumeni.

Kule mboni, uNdaba wabona kunamathuba amaningi wokukhula nokuyilapho aqala khona ukuhlela umcimbi wokuphela konyaka endaweni yaseRichards Bay.

Ukuxhumana kwakhe noMasipala wesiFunda sasoThungulu (iKing Cetshwayo) ngonyaka ka-2010 ngesicelo sokuhlela umcimbi owaziwa ngeLast Dance Music Festival kwaba yimpumelelo nkengoba lo mcimbi ususeminyakeni eyisishiyagalombili kulo nyaka.

OLUNYE UDABA:NGIYIMBOKODO: UMbali Nkomonde

Lo mcimbi uthatha izinsuku ezintathu, kusukela ngomhaka 30 Disemba kuya kumhlaka 1 Januwari lapho kuyaye kube nezinhlelo ezahlukahlukene ukuthokozisa izinkulungwane zabantu abathanda ubumnandi nabafuna ukuzithokozisa ekupheleni konyaka eRichards Bay namaphethelo.

Ngale kokuhlela imicimbi uNdaba unezinye izinhlelo azihlelayo zokuthuthukisa umphakathi njengohlelo lwaziwa nge-Back-to-School Campaign.

Ngalolu hlelo, uNdaba uhambela izindawo ezahlukahlukene enikela ngemifaniswano kanye nezicathulo zezikole kubafundi, asize labo abangakwazi ukukhokhela imfundo ephakeme. Balinganiselwa ku-5000 abafundi abasize ngemifaniswano yesikole kanti bangu-50 abafunda emanyuvesi.

Ngokusho kwakhe, uNdaba uthi uyathanda ukubambisana nezinkampani ezisafufusa ikakhulukazi lezi ezisemakhaya nalezi ezisebenza ngaphandle kokuthola inzuzo ngenhloso yokuletha intuthuku kubantu.

Eminye imicimbi kanye nezinhlelo azihlelayo ngaphansi kwenkampani yakhe kubawa i-King’s Experience Tourism Campaign, Port Festival (Transnet National Ports Authority), DOC International Conference (WTSA and WCIT), kanye neNngqwele kaMaskandi (Isolezwe).

Uma ufuna ukwazi kabanzi ngalo somabhizinisi, xhumana naye ezinkundleni zokuxhumana Sipho Ndaba.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
 

How your dog can tell what you’re feeling

Researchers have found a specific area in a dog’s brain that recognises human faces – a finding that may help to explain why dogs are so sensitive to human social cues.

 

Paws

Share your 67 minutes with animals in need this Mandela Day
Kevin Anderson’s dog is winning at Instagram!
Kim Kardashian-West buys fake testicles to boost her dog’s self-esteem
10 tips on exercising your dog
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.