USisulu ugxeka abambiza 'ngowasebukhosini' be-ANC

2017-11-10 12:24

Hartbeespoort – Lowo ongenele umjaho wokuhola i-ANC uLindiwe Sisulu useyiphebezile eyabaholi abambiza "ngowasebukhosini" be-ANC wathi ngokwakhe uzibona engcono kakhulu kunamanye amaqabane.

USisulu utshele iNews24 ngaphambi kwesidlo sasebusuku sokuqongelela imali eHartbeespoort kuleli sonto ukuthi kunamalungu akhohlakele kanti lokhu abakushoyo ngaye akuhlukile nokuzama ukumdicilela phansi.

USisulu uyindodakazi yezingqalabutho zomzabalazo uWalter no-Albertina Sisulu.

"Impilo yami yonke ngiyichithe ngisemzabalazweni kepha sengizwa okunye manje ngoba nakhu sekukhona abathile abazizwa ngale ndlela. Ukube bengiziphathisa okowasebukhosini, ngabe phela ngaphathwa kanjalo kusukela ngajoyina umzabalazo ngineminyaka eyisithupha ubudala," kusho uSisulu.

OLUNYE UDABA: Uyangilahla unembeza ngokusula kukaMakhosi Khoza - Sisulu

Yize noma ngesikhathi enengxoxo neNews24 wathi wajoyina umzabalazo eneminyaka "eyisithipha" ubudala, ngokuhamba kwesikhathi ucacisile enkundleni yezokuxhumana ukuthi empeleni wawujoyina eneminyaka engu-16 ubudala umzabalazo.

Unanele ngokuthi ukube ngempela ubengowasebukhosini ku-ANC ngabe akazange ahlangabezane nobunzima ahlangabezana nabo kule minyaka ayichitha esemzabalazweni.

Ngokusho kombiko weDaily Dispatch, uSisulu ngenyanga eyedlule uhlasele uNobhala Jikelele we-ANC uGwede Mantashe nangendlela aziphatha ngayo, wamsola ngoqhekeko olukhona enhlanganweni waphinde wafaka imibuzo ngomlando wakhe nomzabalazo.

UMantashe, ephendula ukuphawula kukaSisulu, utshele iNews24 wathi: "Uma usebenzela abasebukhosini uphenduka into engelutho."

Thola udaba oluphelele lapha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.