USiyanda Xulu usolwa ngokutshela izimbangi ngohlelo lweqembu

2016-08-08 09:01

Johannesburg - Umdlali we-Kaizer Chiefs wasemuva uSiyanda Xulu kuthiwa ufakwe ohlwini labadlali okuzobolekiswana ngabo njengoba umqeqeshi engamnambithisisi kahle.

Kuthiwa umqeqeshi waleli qembu uSteve Komphela usola uXulu ngokuthi uyena owatshela iMamelodi Sundowns ngohlelo lwabo ngomdlalo wamanqamu we-Telkm Cup ngoDisemba odlule.

Funda nalolu daba:Isiqala ukudida ekaSiyanda Xulu neKaizer Chiefs

Kulo mdlalo Amakhosi adliwa-3-1 enkundleni iMoses Mabhida beshaywa iSundowns.

Ngokusho kwemithombo emibili ephakathi kuleli qembu, iSunday World ithole ukuthi lezi zinsolo zidale uqhekeko phakathi kukaPitso Mosimane kanye noKomphela.

Umphathi weChiefs uBobby Motaung ushaye ngathi akazi lutho ngesikhathi ebuzwa ngalolu daba.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.