Usizi kushona umkhwenyana emshadweni 'kujatshulwa'

2018-05-02 18:00

Amaphoyisa aseNdiya ngoLwesibili abophe owesilisa osolwa ngokubulala umkhwenyana ngesikhathi ebhiyozela umshado kamngani wakhe ngokuvulela ngenhlamvu, kanti kuzophambana izinkomishi.

Isisabalale ezinkundleni zokuxhumana i-video etshengisa uSunil Verma, 25, eshaywa yinhlamvu esifubeni kuqhubeka umshado wabenkolo yamaHindu ngeSonto.

Le video itshengisa umngani kaVerma elungisa isibhamu kanti sizoqhuma. Kuthe kusenjalo, kwabonakala umkhwenyana ebamba isifuba wabe esewa ngobuso.

OLUNYE UDABA: Umkhwenyana ukhiphe amahlazo kamakoti obemjolela emshadweni

"Umsolwa uvumile ukuthi udubulile kanti uphenyo luyaqhubeka. Sisitholile isikhali esisetshenziswe kulesi sigameko," kusho uGhanshyam Chaurasia, ongumseshi wamaphoyisa aseLakhimpur Kheri, e-Uttar Pradesh, etshela abe-AFP.

Umdubuli, okungenzeka abhekane necala lokubulala, ubegcwele amathafa kwaze kwabe uyaboshwa ngoLwesibili.

Amaphoyisa athi kudutshulwe amahlandla amabili kulesi sibhamu sikamsolwa esisemthethweni.

Yize kungekho emthethweni eNdiya ukuvulela ngenhlamvu uma kujatshulwe emicimbini - kuvamile - kanti kwesinye isikhathi kuye kudlule nemiphefumulo yabantu.



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.