Usizi luzwa olunye kuStuart Baxter

2017-11-09 12:33

Durban - Usizi luzwa olunye kumqeqeshi weqembu lesizwe lakuleli iBafana Bafana abhekene nomdlalo omqoka. IBafana izodudulana neSenegal kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngo-Lwesihlanu ngo-19:00 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

IBafana ihaqwe yizinkinga zabadlali njengoba iya kulo mdlalo okufanele iwunqobe kumnyama kubomvu. Empeleni kufanele iyinqobe yomibili imidlalo ezoyigijima neSenegal njengoba olandelayo ungoLwesibili kusihlwa kulo leliya lizwe.

Selokhu kuqale ikhempu izinto azimhambeli kahle umqeqeshi uStuart Baxter njengoba kunezinkinga ezithinta abadlali. Kusalindwe umbiko wodokotela ngo-Itumeleng Khune ongunozinti olimale ngeledlule iKaizer Chiefs ibhekene neChippa United koweTelkom Knockout.

OLUNYE UDABA: Uphoxekile ngabanye babadlali beBafana

UKhune uchachanjelwe yithambo ebusweni eshayisana noKurt Lentjies weChippa naye obhinyilike ihlombe. Kubikwa ukuthi kungenzeka ukuthi uKhune adlale efake i-mask evikela ubuso kodwa konke lokho kuzoncika ekutheni odokotela bamthole esesimweni esinjani njengoba ehlolwe izolo.

Kusabhekwe indaba kaKhune nje, uThulani Serero ushaye isiteleka njengoba engabonwa nangokhalo ekhempini.

Kubikwa ukuthi ulibeke ngesihloko elokuthi ngeke alubhade ngoba vele akasetshenziswa. NoHlompho Kekana uhoxisiwe esikwatini indawo yakhe yathathwa nguTiyani Mabunda. Uhoxiswe ngoba kushone umkhwekazi wakhe engozini yemoto okuthiwa ubehamba nengane yalo mdlali eneminyaka yobudala emibili kodwa yona yaphuma ingenalutho.

U-Andile Jali yena ophume phakathi nejimu ngeke abopnakale emdlalweni wokuqala. Kushone elayizolo uBaxter ebambe umoya ngoSiphiwe Tshabalala osanda kushaya ibuya kuBafana.

Thola udaba oluphelele kwi-LANGA.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.