Usizi umama egwiliza ngemuva kokuhlenga indodana

2016-07-18 19:00

Cape Town – Owesifazane waseKapa ugwilizile washona ngemuva kokuhlenga indodana yakhe esehlakalweni esifanayo eMossel Bay, kuqinisekisa amaphoyisa.

U-Anya Johnson, obesebenza eGrove Primary, eClaremont, ushone ngoLwesithathu olwedlule eBay View Hospital.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Malcolm Pojie utshele iNews24 ukuthi lo wesifazane, obeseholidini ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, wayebhukuda nezingane zakhe zimbili ngesikhathi begugulwa yigagasi.

OLUNYE UDABA: Kugwilize abafundi abathathu besendleleni eya esikoleni

"Wakwazi ukuhlenga indodana yakhe eyayisithathwe yigagasi. Wabe esegwiliza kepha abantu bakwazi ukumtakula waphuthunyiswa esibhedlela,” esho.

Ngeshwa washona ngokuhamba kwesikhathi.

“Kuvulwe icala ngokufa kowesifazane oneminyaka engu-45 ubudala,” kusho uPojie.

Isikole abesebenza kuso sidlulisele amazwi enduduzo emndenini nasezihlotsheni.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.