Usizi umbani ubhubhisa umndeni e-KZN

2018-03-23 12:31

Durban - Umphezulu ubulale amalungu amane omndeni KwaZulu-Natal kulesi sigameko esenzeke ngoLwesithathu.

Owesifazane obekhulelwe, uNelisiwe Mathenjwa, 37, nezingane zakhe o-Olwethu, 11, uSiceluxolo, 6, no-Asimbonge Mngomezulu, 2, bafe ujuqu ngesikhathi ikhaya labo eliseDedefane, enyakatho ye-KZN, lishaywa wumbani.

USibongile Mngomezulu, 13, naye obekhona kwenzeka lesi sigameko, uphuthunyiswe esibhedlela kanti kubikwa ukuthi kwembulwa kwembeswa kuye.

Ubaba walezi zingane, uDavid Mngomezulu, 42, uthe akukhona okokuqala umbani ushaya ngasemzini wakhe.

“Ngonyaka odlule umbani washaya isihlahla esiseduze komuzi,” esho.

Uthi ngaphambilini umphezulu wahlasela kwalimala izingane ezine.

OLUNYE UDABA: Umbani udlule nababili walimaza abangu-6 eNdwedwe

UDavid uthi ngesikhathi befika kule ndawo bezokwakha, izakhamuzi zabaxwayisa ngokwakha umuzi kule ndawo.

“Asizange sinake, bheka manje sekwehle le nhlekelele. Ngisifunde kanzima isifundo," esho.

Uthe usele nezinto azigqokile kuphela njengoba kushe yonke into ebisendlini.

Okhulumela amaphoyisa ase-KZN uLieutenant-Colonel Thulani Zwane uthe kuvulwe idokodo ngokufa kwabantu.

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu e-KZN uNomusa Dube-Ncube unxuse izakhamuzi ukuba ziqaphele njengoba liqhubeka nokuyidliva esifundazweni.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.