Usizwe ukuyobhaca umculi kamaskandi

2016-11-10 14:30

Johannesburg - Kuphoqe ukuba ayofihlwa kwenye indawo umculi kamasikandi ofike ngezinkani ngengoma ethi Siyobulala uVan Damme emcimbini wokulwa nokubulawa kwabantu abanebala elimhlophe nokwebiwa kwezimoto ziweliswe umngcele ziyiswe eMozambique obuseMkhanyakude enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal ngempelasonto.

Lokhu kwenziwe ngoba abanye abaculi bebephazamiseka ngenxa yokujatshulelwa kwaleli ciko ebeseliqedile lona ukucula.

UMroza Fakude utheleke kwabancane indawo emcimbini kanti nemoto yakhe iphume sekunzima, beyivimbile abantu besho nokuthi bayaqala ukumbona ngamehlo lo mculi oshaye ingoma ethakaselwa ngalolu hlobo.

Lo mculi uthi ukuthokozelwa kwakhe kusho lukhulu emculweni wakhe nokuba yingxenye yokunqandwa kwalesi sihlava esikhula ngesikhulu isivinini eMkhanyakude.

"Ukubulawa kwabantu bakithi kufanele sikusukumele, silwe nakho ngoba yibona abathenga umculo wethu. Ngijabulile ukubona abantu bengithakasela. Asihambisani impela nje nokubulawa kwabantu, mayiyekwe le nto," kusho uMroza.

Bekuheleza umoya wokuzwana nokuhloniphana kubaculi nabalandeli kulo mcimbi obekuphume nesinedolo kuwona. Bekunandisa abaculi abaphuma ezindaweni ezahlukene ngaphansi kwesifunda uMkhanyakude, abebeyokhuza umhlola ngalezi zigameko.

Abaculi asebemkantshubomvu bavulelwe inkudla nguZero Khumalo ongumfowabo kaMfazomnyama ongasekho.

OLUNYE DABA: Ushaywe wumbani washona owesifazane obekhulelwe eMtuba

Iqembu laseMtubatuba - ngaphansi kwawo uMkhanyakude - Abahlaziyi, lifike lashaya ingoma labhodloza isiteji ngamabhuzu. Belishaya ingoma yalo enxusa izigilamkhuba ukuba zihlukane nokubulala amaphoyisa.

Inyanga yaKwaMhlabuyalingana ebambe elikhulu iqhaza empini yokulwa nababulala abantu abanebala elimhlophe - ngenkolelo yokuthi izicubu zabo kuthakwa ngazo amakhathakhatha enza umuntu acebe - ithwale kanzima ngesikhathi iya esiteji kunabesifazane abavele bayimemeza bethi bacela umendo.UMnu Mthembu unxuse umphakathi ukuba ubavikele abantu abanebala elimhlophe.

"Ngazibophezela ekuvikeleni abantu abanebala elimhlophe, kanjalo nezigebengu ezintshontsha izimoto zabantu nemfuyo kangizibheki. Sithi makuphele ukubulawa kwamaphoyisa uma elwa nesitha somphakathi okuwubugebengu," kusho uMnu Mthembu.

UMnu Mjaphani Mkhize ongusihlalo wekomidi elihlele lo mcimbi, utshele izethameli ukuthi usuzoba khona minyaka yonke.

Umcimbi uvalwe ngezingoma ezimbili ezikwi-albhamu ekhishwe ngabaculi abane abazibiza ngeziNsimbi Zangempela.

Le albhamu ikhuza lezi zigameko okukhalwa ngazo eMkhanyakude.

Laba baculi abane nguQalindaba Mkhize, uBreakdown Khumalo ohola iqembu laKwaNibela iBreakdown, uSbongiseni Mbatha ohola aMambeje Amahle noNkonzo Mkhize ohola aMagusheshe.

Phakathi kwabaculi abashiyelane inkundla, kubalwa Izintombi zikaMjaphani, uMroza, Abafana bakaSgubhu, uMgojeli nabanye abaningi.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.