Usobishini umculi kaMaskandi owahlasela intatheli

2017-05-11 14:03

Durban - Selisezithebeni zabameli bephaphandaba ILANGA udaba lomculi kamasikandi odlubulundele emngcwabeni washaya intatheli yeLANGA isemsebenzini KwaNongoma, enyakatho yeKwaZulu-Natal.

UMthandeni "iGcokama Elisha" Manqele,  uzifake obishini ngesikhathi ejaha intatheli yeLANGA, uMthobisi Sithole, eyishaya phambi kwabantu ngesikhathi kuqhubeka umngcwabo womlandeli kamasikandi, uMthokozisi "Salabemkhuluma" Xulu obefihlwa ngoMgqibelo.

Kubikwa ukuthi leli ciko lidlubulundele ngisho uzakwabo osemnkantshubomvu kumaskandi, u-Ali Mgube, ezama ukulivimba.

UXulu obengumlandeli womculi kamaskandi, uMjikijelwa "iChalaha likaShafuza" Ngubane, udutshulwe eCurries Fountain, eThekwini ngesikhathi kusuka udungunyane phakathi kwabalandeli bakaKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose nabeGcokama kwiNqokotho Maskandi Festival ebihlelwe nguCharles Dlamini emasontweni amabili edlule.

OLUNYE UDABA: Umculi kamaskandi uhlasele intatheli yeLANGA

Ngokusho koMhleli Omkhulu weLANGA, uThobile Nxumalo, abameli baleli phendandaba basacubungula amaphepha ngaphambi kokuba bathathe izinyathelo ezifanele.

"Siphoxekile ngesenzo saleli ciko. Sicela wonke amaciko aziphathe ngendlela eyamukelekile emphakathini ukuze kusebenzeke kahle nawo," kusho uNxumalo.

UMhleli weSolezwe okungelinye lamaphephandaba esiZulu, uSlindile Khanyile, uthe bayasigxeka isenzo sokuhlaselwa kwezintatheli.

"Sicela kube nokubekezelelana ngoba sonke siyadingana. Abafundi bethu esibabhalelayo okungabalandeli babo, bayadinga ukwazi ukuthi kwenzekani, ngakho kumele kusetshenziswane. Ngeke sikuvumele ukuphazanyiswa kokusebenza kwezintatheli noma yingayiphi indlela noma kwenziwa ngubani," kusho uNkz Khanyile.

ISekela-sihlalo leSouth African National Editors Forum (Sanef), uKaty Katopodis, lithe basigxeka ngamagama wonke isenzo sokuhlaselwa kwezintatheli zisemsebenzini. Uthi uma umuntu engahambisani nokubhalwe yintatheli, kasikho nesincane isidingo sokuyishaya.

"Uma ungeneme ngokubhalwe yintatheli xhumana nomhleli. Uma umhleli ehluleka wukukusiza ungadlulela phambili kwiPress Ombudsman. Kuyicala elibomvu ukushaya intatheli futhi kukhinyabeza nelungelo layo elishicilelwe kumthethosisekelo wezwe lokubika ngokukhululeka," kusho uNkz Katopodis.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
 

Share your 67 minutes with animals in need this Mandela Day

With an abundance of activities to get involved in, why not lend a hand towards animals in need this Mandela day? Here are some ideas of how you can spend your 67 minutes...

 

Paws

Kevin Anderson’s dog is winning at Instagram!
Kim Kardashian-West buys fake testicles to boost her dog’s self-esteem
10 tips on exercising your dog
Our top picks for doggo post of the week
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.