Usobishini umsakazi weMetro FM ngokuphawula kwakhe

2017-09-07 13:59

eGoli - I-SABC ikuqinisekisile ukumiswa komsakazi weMetro FM DJ Criselda Dudumashe ngemuva kokuthi eseka lowo owayeyiSekela likaNgqongqoshe weMfundo ePhakeme.

UCriselda wangena obishini ngenyanga edlule ngokweseka uMduduzi Manana ezinkundleni zokuxhumana lapho abhala khona wazwakalisa ukweseka kokuziphatha kwakhe ngemuva kwezinsuku ezimbalwa kuvele ukuthi ushaye owesimame endaweni yobumnandi eGoli.

Umphakathi wamgxeka uCriselda ngalokhu kwazwe kwaba wukuthi uyawususa lo mbhalo waphinde waxolisa.

OLUNYE UDABA:Kulindeleke avele enkantolo maduze uManana: Umbiko

Ngemuva kwalesi sigameko, i-SABC yenza uphenyo ngokuziphatha kwakhe wabe eseyamiswa emoyeni.

Okhulumela i-SABC uKaizer Kganyago ukuqinisekisile lokhu wathi uCriselda ngeke azwakale emoyeni okwamanje.

"UCriselda Kananda-Dudumashe akahlelelwanga ukuzwakala kulo msakazo okwamanje. Lesi yisinqumo esithathwe yilesi siteshi ngemuva kwezinkulomo zakhe azenze esidlangalaleni ngenyanga edlule," kusho uKganyago.

UCriselda akagcinanga ngokubhala ezinkundleni zokuxhumana kodwa wabuye waveza imibono yakhe yokweseka uManana emcimbini lapho okwakunezingxoxo mayelana nesifo sengculazi kanye nodlame olubhekiswe kwabesimame enyuvesi yaseVenda, eLimpopo, ngenyanga edlule, kubika iSunday World.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.