Usola iSafa ngokulawulwa "yiGupta"

2016-11-10 16:01

Durban - Buhlela ukudlulela kwiBar Council of Johannesburg ubuholi beSouth African Football Association (Safa) eThekwini obungavunwanga yisinqumo sikaHilton Epstein SC obengumahluleli ozimele embangweni wokuphathwa kwalesi sifunda.

Ekhipha isinqumo, u-Epstein uphakamise ukuthi iSafa eThekwini eHoy Park iqhubeke nemisebenzi yasehhovisi bese ididiyela izinhlelo zokhetho oluzokuba mhla zintathu kuZibandlela (December).

Ube esephakamisa ukuhlakazwa kobuholi baseCurries Fountain obebubanga nobaseHoy Park.

UMazwi Mkhize onguMengameli wohlaka lwaseCurries Fountain, uthi ukuthalalisa kweSafa ngeDispute abayifake bephonsela inselelo isinqumo sika-Epstein, sekuholele ekutheni bathathe isinqumo sokudlulela kwiBar Council okuwuphiko olubheka ukusebenza kwezazi zomthetho.

"Bonke abantu beSafa kuzwelonke basibelesele ngokuthi isinqumo sika-Epstein siwujuqu. Siyakwazi lokho, kodwa besicela ukuba asinike ithuba, asichazele ukuthi ufinyelele kanjani kulezi zinqumo. Kakukwazi ukuthi angaphasisa ukuthi i-Ashley mayiqhubeke nokudlala kwiMotsepe League ekubeni ethi  ubuholi bethu (obuyihambisile) mabuhlakazwe.

"Ulukhetha kanjani uhlangothi olulodwa ukuthi maludidiyele izinhlelo zokhetho? Ngeke sibe yingxenye yokhetho olukhonjwa kuZibandlela. Thina silinde ukhetho oluzokuba ngonyaka wezi-2018 eThekwini. Sikhethwe kubuka izwe futhi iSafa ibijube abaholi bayo. ISafa ithule ithini ngoba ubuholi baseHoy Park buyifake enkantolo? Ithini njengoba ubuholi baseHoy Park buphule umyalelo obuvela ehhovisi likazwelonke?

"ISafa kubukeka sengathi isigwinywe ngu-Epstein njengeNingizimu Afrika okuthiwa ilawulwa wumndeni wakwaGupta. U-Epstein uma efuna ukuphatha ibhola, makahambe ayongena ezinhlakeni zebhola ngakubo ngisho kungathiwa uhlala ezindaweni zabadla izambane likapondo," kusho uMkhize.

OLUNYE UDABA: Ufunwa e-Europe umdlali weDowns obiza u-R32m

Uphinde wazwakalisa ukungaphatheki kahle ngokusebenza kukaSimphiwe Xaba omele isifundazwe ezingeni likazwelonke. Uthi usenokukhombisa ukuthambekela ebuholini baseHoy Park ngemuva kokuthenjiswa ukuthi uzokuba nguSihlalo weSafa KwaZulu-Natal okhethweni oluzayo.

Leli phephandaba kalikwazanga ukuthola uDennis Mumble oyisikhulu seSafa ukuphawula ngezinsolo zokuthi iSafa isigwinywe ngabezinhlaka zezomthetho kuleli njengoba belungangeni ucingo lwakhe.

Nokho omunye wabaholi beSafa kuzwelonke ongekho emagunyeni okukhuluma nabezindaba, uthe uXaba wenza lokhu okufanelekile.

"Sonke savuma ukuthi isinqumo sejaji siwujuqu. ISafa yasayina phansi ivuma lokhu. Manje uXaba wenza lokhu okuphakanyiswe ngu-Epstein ukuthi kwenziwe. Yisinqumo sika-Epstein esiphikisana nobuholi bukaMkhize, uXaba usenziwa ibhaxa nje. U-Epstein ngeke alokhu ezophendula kubantu abangazi lutho ngomthetho. Uzophendula nxa ebizwa yiCourt of Arbitration for Sport. Kalukho olunye uhlaka ayoke aluphendule ngaphandle kwalolu.

"Ukhetho kumele luqhubeke kudlulelwe phambili. Uma kukhethwa u-Alpha Mchunu ohola iHoy Park kulungile, sizosebenza naye ngoba uzokube ekhethwe ngabantu. Ngiyakuvuma impela ukuthi sisenkanjini eyodwa nobuholi bukaMkhize kodwa kasikwazi ukulwa nomthetho. Kumele kuhlonishwe lokho sidlulele phambili," kusho lo mholi.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.