Usolwa ngokuba uhubhu kabhejane umsakazi omiswe emsakazweni

2017-01-29 15:02

Durban - UThabo Sibiya, 21, obesebenzela umsakazo iTheku FM, okuwumsakazo womphakathi ozinze eMpumalanga, eHammarsdale, uthi ubikele omunye wabefundisi okhona ngaphakathi emsakazweni ngale nzukazikeyi yakhe abeyifihlile kanti usezigwaza ngowakhe.

Uthi ubehlambuluka kulo mfundisi ngoba esefuna ukuphumela obala ngale mpilo njengoba nakubo engakaze ayithi vu.

Uthi okwenza impilo yakhe ibenzima kakhulu wukuthi noyise ungumfundisi futhi yena uhola nentsha ebandleni. Uthi uya kulo mfundisi nje yingoba ebefuna izeluleko ngoba esefuna ukuliqhumbuza ithumba.

"Kuyiqiniso ukuthi bangimisele indaba yobulili bami ngoba emuva kokukhuluma nalo mfundisi ngibe sengibizwa nguMphathi wesiteshi (Simphiwe Makhamba) ongitshele emehlweni ukuthi ngeke besakwazi ukusebenza nami ngoma imigomo yenkolo elandelwa yisiteshi kayihambisani nokuba-gay.

Akakwazanga kodwa ukungikhombisa le migomo abekhuluma ngayo ngoba nohlelo ebengilwenza kakulona olwenkolo kodwa yi-drive time nje yantambama eqondiswe entsheni. Size sifake nemigosi phakathi. Ukuba isiteshi silandela leyo migomo yenkolo yobuKristu njengokusho kwakhe ngabe kakukho muntu esiteshini njengoba kukhona abanesono sokuphinga," usho kanje elilela ILANGA LangeSonto.

OLUNYE UDABA:Umsakazi woKhozi FM ezinsolweni zePayola

Uthi bese kuphele cishe izinyanga ezinhlanu ekulo msakazo njengoba eqale ethimbeni lezindaba ngaphambi kokufakwa kulolu hlelo ngoZibandlela wonyaka ofile.

Uqale wanxusa ukuba ligodlwe igama lakhe kodwa wabuye washintsha ngokuhamba kosuku ngoLwesihlanu ngoba esethi usezimisele ukuyolibhoboza ithumba nasekhaya ntambama. USibiya ubenza uhlelo lwantambama kusukela kwele-3 kuya kwele-6 ntambama kulo msakazo, osuneminyaka wasungulwa njengoba eminyakeni eminingi edlule wawusakazela ezindlini zokusakaza zakwa-SABC, eThekwini.

Ethintwa ngalezi zinsolo uMakhamba uthi kungamanga aluhlaza okushiwo nguSibiya futhi bebengazi nokuthi uyisitabane, bebemane bezisolela nje uma bebona indlela enza ngayo izinto.

"UThabo ufike la maphakathi noLweziecela ithuba lokuqeqeshwa nokuyinto esiyenzayo nabaningi abanentshisekelo yomsakazo. Besingenasivumelwano somsebenzi nomqashi kodwa besimlekelela ukumcathulisa njengoba ebecelile.

Sibe sesicela usisi uZukiswa osenesipiliyoni ukuba amqeqeshe ohlelweni alwenzayo ntambama. Nezingane ezinama-assignment athinta ezokusakaza siyaye sizelekelele. Kuthe uma sesibona ukuthi usevuthiwe kulokhu ebesimcijela khona sase sivumelana ngokuthi siyamkhulula.

Ayikaze nje ivele le oyishoyo, ngiyayiqabuka nakuba ivele ikhona imigomo yethu njengoba siyisiteshi samakholwa. Ngiyathuka ngoba bengikhuluma naye nje kungekudala kodwa akazange ayithinte le osufika nayo. Umuntu omiswayo ngosuke eqashiwe, hhayi obelekelelwa nje ngoqeqesho," kusho uMakhamba.

Silobe singakaxoxi noSibiya ukuzwa ukuthi uthini uyise ongumfundisi ngokuphumela kwakhe obala.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.