Usolwa ngokubalekela izikhulu zeFIFA uJordaan

2016-11-14 18:00

Cape Town – UMengameli weSouth African Football Association (SAFA), uDanny Jordaan, ubalekela imihlangano nezikhulu zeFIFA, ngokwemibiko esisabalele.

Ngokombiko we-IOL, uJordaan bekuhlelwe ukuba ahlangane nethimba leFIFA ngesonto eledlule mayelana nezinsolo zenkohlakalo ethinta umkhankaso weSAFA wokunikwa igunya kweNingizimu Afrika lokusingatha iNdebe yoMhlaba ngonyaka ka-2010.

Kuthiwa leli thimba labalisa abathathu abebevela eSwitzerland lifike eNingizimu Afrika ngoMsombuluko, mhla zingu-7 kuNovemba ukuze lihlangane noJordaan.

OLUNYE UDABA: Kuthiwa umiselwe ukuthuka uJordaan uMashaba

Leli thimba belimenywe yiCEO yeSAFA, uDennis Mumble, ukuze kuqedwe ngezinsolo zeFederal Bureau of Investigation (FBI) zokuthi kwakhokhelwa amavoti amathathu ngenkathi iNingizimu Afrika ingenele umkhankaso wokusingatha iNdebe yoMhlaba.

UJordaan wayeyisikhulu esiphezulu sethimba leSAFA elalihlela imidlalo yeNdebe yoMhlaba, nokuyilona elalisingethe izindaba zokuthi iNingizimu Afrika igcine ithole igunya lokusingatha le Ndebe yoMhlaba.

NgoMgqibelo, iSAFA yakhipha isitatimende ithi uJordaan, u-Irvin Khoza, uTokyo Sexwale kanye noMolefi Oliphant bahlangane neFIFA ukuze basebenzisane nayo ukubuyisa isithunzi kanye nokwethembeka ebholeni.

Lesi sitatimende siqhuba sithi lezi zikhulu bezilokhu zisiza iFIFA ukuze iqoqe ulwazi ngalezi zinsolo.

Kodwa-ke imithombo idalula ukuthi uSexwale ubengaphandle kwezwe, kanti u-Olifant uyena kuphela okubalulwe ukuthi uhlangane naleli thimba ngoLwesithathu, mhla zingu-9 kuNovemba, ngo-11:00.

INhloko yezokuxhumana kwiSAFA, uDominic Chimhavi, uthi uJordaan kanye noSexwale bazohlangana naleli thimba ngenhloso yokusiza iFIFA ukuze igeze igama leSAFA. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.