Usolwa ngokudla imali yabantu uKhuzani Mpungose

2017-03-09 11:04

Durban - Ushiye angalazi kuKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose umdlali wesigingci, uSenzo Khanyile oshiye phansi ukusebenza nalesi silomo sikamasikandi ngoba ekhala ngokungakhokhelwa ngendlela egculisayo.

Ngokuthola kweLANGA, njengoba uKhuzani esesitudiyo elungiselela i-albhamu ezophuma ngePhasika, kuze kwalandwa uMbuzeni Mkhize ukuba ayodlala ezinye izingoma sekupataniswa, wahluleka wancama ukudlala ushuni waleli ciko.

"USenzo ukhala ngokuthi uKhuzani uyidla yedwa imali yomsebenzi, uyaphumelela kodwa bona kabanalutho oluphathekayo yize besebenza naye. Ngikhuluma nawe nje useqophe ne-albhamu yakhe kodwa uKhuzani ubefihlelwe ngayo ngenxa yomona wokuthi uzicebisa yedwa," kusho umthombo.

OLUNYE UDABA: Igcokama ligadle kwimbangi

Uthi kunemibiko ethi iNdodakazi yeNtandane - engumculi kamaskandi - yiyona enesandla kule nto, ibitshela uSenzo ukuthi makazimele ngoba uKhuzani udlala ngaye.

"Lo muntu uhambile nyakenye eyoshayela iNdodakazi yeNtandane isigingci, ubesehlala kubo kwayo. Kuqale lapho ukuthi angazwani kahle noKhuzani," kusho umthombo.

Ngokomthombo, uSenzo ubhalele uKhuzani imiqhafazo ebuza ukuthi kanti unembeza wakhe kawusadeli yini ngokudla imali yabo. Kule miqhafazo uveze nokuthi kusukela ngowezi-2011 kudlalwa ngaye, usebenzela ize yena akanalutho uyahlupheka ngenxa yalo mculi kodwa ubekhipha ikhono lakhe lonke uma edlala isigingci.

Ethintwa uSenzo, uphike walala ngomhlane wathi kayikho ingxabano ekhona phakathi kwakhe noKhuzani nokuthi yena useyekile ukusebenzisana nalo mculi. Uthi uyithola ngendlela egculisayo imali yakhe.

"Izingoma ezizophuma zidlalwe yimina isigingci kwaba yilezo nalezo engingakwazanga ngenxa yokubambeka. Okwe-albhamu yami bengikufihlele wonke umuntu ukuze kuzothuka kwasani uma isiphuma," kusho uSenzo.

ILANGA linayo le miqhafazo. UKhuzani uthi kuyiphutha ukuthi akayikhokhi imali. Utshele ILANGA ukuthi bebenesivumelwano sokuthi bathola imali elinganayo noSenzo etholakale ngokudayisa kwe-albhamu.

"Kangazi lutho ngokucula kwakhe, akaze angitshele lutho engikwaziyo wukuthi akezanga ukuzongidlalela isigingci ngaze ngafuna abanye. Uthe kimina uyasebenza wabe esengithumelela imiyalezo athi kade kwasa ngimxhaphaza ngingamholeli.

"Ngokwazi kwami bengithola imali elinganayo naye ngokuthengisa kwe-albhamu, ngimholela imali yemicimbi ngisho engasebenzanga.

"Ngisola abantu abanomona abangene phakathi kwethu kodwa-ke uyobuya ngelinye ilanga. Okungididayo wukuthi uyangibalekela akafuni sihlale sixoxe. Kwakhona lokho bengenza ubuntu ngoba udlala isigingci kuphela njengoba enza kwabanye," kusho uKhuzani.

INdodakazi yeNtandane ithi kayihlangene nezingxabano zabo. Ithi kuyiqiniso ukuthi nyakenye yacela uSenzo kuKhuzani ukuba ayoyishayela isigingci.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
 

And the Paws24 and Hill's winners are ...

Find out who the winners of our Paws24 pet pics and Q&a competitions are...

 

Paws

Keep your family and pets safe from rabies
5 scientific benefits of owning a cat
Why we love cats
8 great natural remedies for your pet
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.