Johannesburg – Ukusebenzisa kabi amandla esikhundla, ukuqasha umndeni ngezinye zezinsolo ezibekwe umkhuzi wamaphoyisa uLieutenant-General Deliwe de Lange.
Amaphoyisa azinze ehhovisi elikhulu kulesi sifundazwe eParktown aweneme ngobuholi bukaDe Lange, kanti awasafuni nokusebenza naye.
OLUNYE UDABA:Umkhuzi wamaphoyisa ulahlwe awocansi
Lezi zinsolo zisuselwe eukutheni ube nesandla ekuqashweni kwendodakazi yakhe uRose Damane esikhundleni sokuba i-Admin Clerk. URose uneziqu zePsychology kusukela kwinyuvesi yaseWits.
Ababeyingxenye yekomidi eliqashayo bathi isicelo sikaRose somsebenzi asifikanga ngendlela efanayo nezinye izicelo, futhi nomsebenzi wagcine usutholwa uyena.
Ezinye izinsolo zithi uRose oseminyakeni yo-20 uhanjiswa ngemoto yamaphoyisa uma eya emsebenzini nanoma esephuma.
“Le moto yamaphoyisa iqala ilethe yena kuqala bese ibuyela kubo eBoksburg ukuyolanda inina nsukuzonke,”kusho umthombo we-The Star.