Usolwa ngokuyekisa izingane isikole ngoba efuna ‘ukudla imali yeqolo’

2016-08-18 13:30

Durban – Owesifazane wasesaNkontshe, eHammersdale, kuthiwa usenqume ukuyekisa izingane zakhe esikoleni ngoba ethi akanayo imali yokukhokhela “umalume”.

Lezi zingane, ezineminyaka engu-6 no-8 ubudala, kuthiwa ziyekiswe ngunina uNtokozo Sibanda esikoleni ngoba imali yesibonelelo sazo ethi ayanele ukukhokhela imoto eziyigibelayo uma ziya esikoleni, kubika iLANGA.

Kuthiwa uSibanda le mali uyisebenzisela ukuzelapha ngoba akaphilile, kepha abanye bathi lokho kungamampunge.

Umthombo uthi lezi zingane zithwele kanzima njengoba umama wazo engumuntu ohambe ehlala emizini yabantu.

OLUNYE UDABA: Ngeke asavunyelwa ama-debit order kweyakwa-SASSA

Eshayelwa ucingo uSibanda, ubhoke ngolaka wathi: “Uxakwe yini wena uma ngikhiphe izingane zami esikoleni? Inkinga yenu ukuthanda izindaba zabantu, hamba uye kulo okutshelile ke uhlukane nami.”

Kuthiwa lezi zingane zikhokha u-R280 ngenyanga kumalume ozihambisa esikoleni.

OwoMnyango wezokuThuthukoswa koMphakathi uNcumisa Ndelu uthe bazolulandela lolu daba.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.