Usomabhizinisi uzosiza ngezindleko zomngcwabo kaLundi - Umbiko

2017-02-02 11:32

Johannesburg - Ngesikhathi umndeni nabangani bebuthene ukuzohlela inkonzo yomngcwabo yesihlabani somculo wokholo uLundi Tyamara, kuvele usomabhizinisi othe ufuna ukufaka isandla ezindlekweni zomngcwabo, kubika iSowetan.

Kukholakala ukuthi uLundi ngeke athole umngcwabo ofana nowozakwabo uSfiso Ncwane kanye noThandi Klaasen, abangcwatshwe ngokwezinga likahulumeni.

ITshisaLIVE ithi nakuba izikhulu zikahulumeni ziwuhambele umndeni ngoLwesibili, azithembisanga ukufaka isandla ngokwezimali.

Ngesikhathi umndeni ungazi ukuthi uzothathani uhlanganise nani, kungenelele usomabhizinisi wesifazane, wathembisa ngokufaka isandla.

Kuthiwa uma kuza ngasemalungiselweni omngcwabo lukhona usizo umndeni osuluthole kusomabhizinisi wesifazane.

OLUNYE DABA:  Ukhulelwe amawele umculi wodumo

Lona wesifazane ongusomabhizinisi, elingadalulwanga igamala lakhe, kubikwa ukuthi ubengumngani omkhulu kaLundi.

Kuvela ukuthi ngenxa yezinkinga zezimali akwazeki kahle okwamanje ukuthi izinhlelo zizohamba kanjani.

ULundi udlule emhlabeni ngeledlule ngemuva kokugula isikhathi eside.

Umngcwabo wakhe kulindeleke ubanjelwe eWorcester, esifundazweni iWestern Cape.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.