USomizi uthi useyayehla inqola yokuphatha ama-SAMA

2017-05-30 16:00

Durban - Umcimbi amaSouth African Music Awards, ube ngenkulu impumelelo nabaphathi balolu hlelo uSomizi Mhlongo noTumi Morake beqinisekisile ukuthi bawenza kahle umsebenzi wabo.

Yize bekumnandi futhi bebaningi abantu abebewuncoma umsebenzi wabaphathi bohlelo, uSomizi useveze ukuthi uyayehla le nqola.

Lo saziwayo akapholisanga maseko ngokuveza umbono wakhe ngalokhu njengoba kungakapheli ngisho nesonto kudlule lo mcimbi, ngabe kukhona okungamphathanga kahle?

Ngokusho kwakhe uSomizi uthe: “Uphrojusa kanye ne-CEO yamaSAMA bafike kimi bawuncoma umsebenzi wami omuhle.

OLUNYE UDABA:Uhlu oluphelele lwabaculi abawine ama-SAMA

“Bebebabaza umsebenzi wami omuhle basho nokuthi lokhu kuqinisekisa ukuthi sizobe sindawonye ngonyaka ozayo, ngibe sengiyabatshela ukuthi ngeke ngikwazi ukuphinde ngishayele uhlelo," kusho uSomizi ohlelweni lwakhe noDJ Fresh kuMetro FM.

Ngokusho kwakhe, USomizi uthe kuhle ukuyiyeka into kusemnandi.

“Ngikholelwa ekutheni abantu abaphumelelayo yilabo abakwaziyo ukuyiyeka into kusemnandi, nami ngisafuna ukuphumula noma wunyaka owodwa ngizobuye ngibuye,” esho.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.